KUHLUKANA inhloko nesixhanti phakathi kweChippa United nobengukaputeni wayo, uJames Okwuosa, okuvela ukuthi akekho ezinhlelweni zomqeqeshi uDan Malesela.
Leli phephandaba lithole ukuthi iChilli Boys izama ukufinyelela esivumelwaneni sokuhlukana nalesi sitobha saseNigeria. U-Okwuosa unenkontileka neChippa ezophela ngo-2020 ayisayine ekuqaleni kwesizini ka-2017/2018 emuva kokuchithwa yi-Orlando Pirates. Ubekubadlali iPirates eshintshane ngabo neChilli Boys nyakenye okukhona kubona uMarc van Heerden, Justice Chabalala, Sello Jafta, Donald Mukondelela noNkosinathi Mthiyane. U-Okwuosa, ofike eNingizimu Afrika ngo-2012, udlale umdlalo owodwa kwiPirates ibhekene neMamelodi Sundowns. EZimnyama zithelwe ngehlazo lika 6-0 kulo mdlalo. Isikhulu seChippa, uLukhanyo Mzinzi, sikuqinisekisile ukuthi u-Okwuosa ngeke abonakale kuleli qembu kule sizini ka-2018/2019.
“U-Okwuosa akekho ezinhlelweni zomqeqeshi. Siyakhuluma naye nommeli wakhe ukuze sithole isixazululo, simkhokhele njengoba esanenkontileka neqembu. Kubalulekile ukuthi le nto isheshe iphele ngoba yithina esithwala izindleko zokusuka kwakhe eNigeria uma sizoxoxa naye. "Sesizoqeda kodwa lunzima udaba lwakhe. Uma sekuphele konke ngizokwazi ukwenaba kahle,” kusho uMzinzi.
IChilli Boys ibuyise uMthiyane noThamsanqa Sangweni abathwale kanzima ukuthola ijezi kwiPirates ngaphansi kwabaqeqeshi abahlukene. UBernard Morrison noThabo Matlaba banqabile ukuya kwiChippa. UMorrison uphindele kubo eGhana washiya kukhalwa. Kuvele ukuthi uwele imingcele nemali kasihlalo weChilli Boys, uSiviwe Mpengesi abekade esemkhokhele yona yokufudukela ePort Elizabeth. IChippa izoqala isizini ka-2018/2019 ngokuvakashela iBloemfontein Celtic emdlalweni we-Absa Premiership eDr Molemela Stadium, eFree State, namuhla ngo-3 ntambama.