SIBHEKWE ngabomvu isinqumo esizothathwa yibhodi labaphathi bamaqembu angaphansi kwePremier Soccer League (PSL) mayelana nekusasa leRoyal AM.
Ngesonto eledlule isigungu esiphezulu sePSL sikhiphe isiphakamiso sokuthi leli qembu lixoshwe kwiligi. Sisekele lesi sinqumo ngokuthi leli qembu lihlulekile ukufeza izibopho zalo kwiligi, lafaka imininingwane ethile engelona iqiniso ngesikhathi lifaka isicelo sokuvuselela ubulungu ngaphambi kokuqala kwesizini, laphinde ladlulisa amasheya ngendlela ephambene nomthethosisekelo weNSL.
Ibhodi labaphathi bamaqembu ePSL, elihlanganisa abamele wonke amaqembu angu-32 ayingxenye yebhola elikhokhelwayo kuleli, kulindeleke ukuthi livote ukuze kucace ukuthi i-AM iyachithwa noma iyaqhubeka yini nokuba yingxenye yeligi.
Nakuba iThwihli Thwahla ingenawo umlando omude ebholeni elikhokhelwayo kuleli kodwa seziningi izigemegeme esibandakanyeke kuzona njengoba sekuze kwafikwa lapha.
Ngo-Agasti 2019 - I-AM yaqala ukudlala esigabeni sesibili sebhola lakuleli, esesaziwa ngeMotsepe Foundation Championship, ngo-2019 ngemva kokuthenga indawo yeReal Kings, yaqeda endaweni yesine kwi-log.
NgoMeyi 2021 - Yaqeda endaweni yesibili kule ligi kulandela ukunikwa kweSekhukhune United amaphuzu amathathu ngasekupheleni kwesizini ngenxa yokuthi iPolokwane City yayidlalise umdlali kungafanele. I-AM yazama ukusiphikisa lesi sinqumo, yachithwa yinkantolo.
NgoJuni 2021 - IThwihli Thwahla ayizange ilubhade emidlalweni yokuhlunga lapho kwakufanele idudulane khona neChippa United neRichards Bay, ithikithi lokudlala esigabeni esiphezulu lagcina litholwe yiChilli Boyz.
Ngo-Agasti 2021 - IRoyal AM yakhuphukela esigabeni esiphezulu ngokuthenga indawo yeBloemfontein Celtic.
Ngo-Novemba 2021 - Yahlawuliswa yiPSL u-R1.65 million, kwalengiswa u-R1.325 million, ngemva kokuthi abaphathi beqembu benike abadlali imali enkundleni kulandela ukunqoba iMaritzburg United koweligi.
NgoMeyi 2022 - Yaqeda endaweni yesithathu kwi-log ekupheleni kwesizini ka-2021/21, ngaphezu kweStellenbosch FC, Kaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, yafinyelela nakowandulela owamanqamu kwiNedbank Cup.
NgoJulayi 2023 - Yavinjwa yinhlangano eyengamele ibhola emhlabeni, iFifa, ukuthi isayinise abadlali abasha. Lokhu kwakungenxa yokuhluleka ukukhokhela owayengumdlali wayo, uSamir Nurkovic, imali esilinganiswela ku-R15 million kulandela ukunqanyulwa kwenkontileka yakhe.
NgoJanuwari 2024 - Yaphinde yathola olunye uswazi oluvela kwiFifa, kulokhu ilahlwa yicala lokungakhokheli omunye umdlali, uRicardo Nascimento.
NgoNovemba 2024 - INkantolo eNkulu yaseThekwini yakhipha umyalelo owawuvumela umqoqintela, iSouth African Revenue Services (SARS), ukuthi alawule konke okuthinta amabhizinisi ahlangene nomengameli weqembu, uShauwn ‘MaMkhize’ Mkhize.
NgoDisemba 2024 - Iqembu ladlala umdlalo walo wokugcina ngoDisemba 29, lapho lanqotshwa khona yiTS Galaxy ngo 3-1 koweBetway Premiership. Isasemsileni kwi-log ngamaphuzu ayisishiyagalombili emidlalweni engu-11.
NgoJanuwari 2025 - Izinkinga zentela zaqala ukuliphazamisa ngoJanuwari ngesikhathi kuhlehliswa umdlalo okwakufanele liwudlale neChippa United. Kwavela ukuthi abadlali abazange balubhade ejimini onyakeni omusha ngenxa yokungaholelwa ekupheleni kukaDisemba.
Ngawo uJanuwari iPSL yamemezela ukuthi yonke imidlalo ethinta iRoyal AM izohlehliswa isikhathi esinganqunyiwe ngenxa yokwehluleka kweqembu ukunikeza isiqinisekiso sokuthi lizokwazi ukuhlangabezana nezibopho zayo.
NgoFebhuwari 2025 - I-AM yakhishwa kwiNedbank Cup ingawudlalanga umdlalo weLast 32 neMilford FC. Maphakathi noFebhuwari iNkantolo eNkulu yaseThekwini yagunyaza owaqokelwa ukuqapha amabhizinisi athinta uMaMkhize, uJaco Venter, ukuthi adayise iqembu.
NgoMashi 2025 - Iqembu lafakwa endalini ngoMashi 14. UVenter wakhipha isitatimende ngoMashi 27 eqinisekisa ukuthi inkampani eyaphuma phambili, iGlobal Investments, yehluleka ukukhokha imali ngesikhathi esasinqunyiwe, yabhuntsha kanjalo indaba yokudayiswa kweqembu.
Ngo-Ephreli 2025 - Isigungu esiphezulu sePSL saphakamisa ukuthi iqembu lixoshwe kwiligi.
Njengoba ibhodi lePSL lilungiselela ukuhlangana kusasa, konke sekuncike kulona mayelana nekusasa leRoyal AM. Umphumela walo mhlangano yiwona ozocacisa ukuthi leli qembu lizoqhubeka nokubamba iqhaza ebholeni laseNingizimu Afrika noma uzophela kanjalo umdlalo walo omfishane.