UHLABEKE umxhwele ukaputeni wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, ezakhe zibuyisa ithemba lokunqoba iRugby Championship ngokuguqisa i-Australia ngo-24-8 eSydney ngoMgqibelo.
Elakuleli likhombisile ukuthi lifundile emaphutheni eliwenze ngempelasonto edlule ngesikhathi lishaywa yiWallabies ngo-25-17 e-Adelaide. Emdlalweni wangoMgqibelo liqoqe amaphuzu umdlalo usaqala futhi langalivumela iqembu lasekhaya ukuthi libuye.
Ama-try amaBhokobhoko ashaywe nguDamian de Allende, Canan Moodie, obedlala umdlalo wakhe wokuqala eqenjini lesizwe, uFranco Mostert noMakazole Mapimpi. UDamian Willemse noFrans Steyn bengeze amanye amaphuzu ngokukhahlela i-conversion eyodwa ngamunye.
AmaWallabies akwaze ukuphendula ngephenathi kaNoah Lolesio ne-try yokubika ebekwe nguPete Samu umdlalo usuyophela.
“Indlela esidlale ngayo ibingahlukile kakhulu kweyangesonto eledlule, umehluko wukuthi kulokhu siwasebenzisile amathuba esiwakhile,” kusho uKolisi.
"Yilokho esifuna ukukwenza ngaso sonke isikhathi ngoba umsebenzi wethu uzoba lula kakhulu uma kungadingeki silwe sesiqhamuka ngemuva ngaso sonke isikhathi. Kuyasikhuthaza ukuthi siwakhile amathuba futhi saphinde sawaqedela.
“Kusikhumbuzile ukuthi singaqhubeka sikwenze lokhu emidlalweni ezayo futhi sizimisele ukuthi sithole imiphumela emihle imidlalo ilandelana.
“Ngithanda ukubonga abalandeli bethu abasekhaya nalabo abafike kuyo yomibili imidlalo yase-Australia ngokuseseka. Kube yisonto elinzima kithina futhi siyaqonda ukuthi nabalandeli bethu bebengaphathekile kahle. Ngithanda ukubabonga ngokungasilahli."
Njengoba neNew Zealand iziphindiselile kwi-Argentina iyibhaxabula ngo 53-3 eHamilton ngoMgqibelo, womane amaqembu asenethuba lokunqoba lo mqhudelwano njengoba asalelwe imidlalo emibili iqembu ngalinye.
Ama-All Blacks aseqhwakele ngamaphuzu angu-10, alandelwe yi-Australia, iNingizimu Afrika ne-Argentina, bonke abanamaphuzu ayisishiyagalolunye.
AmaBhokobhoko asezotholana phezulu ne-Argentina eBuenos Aires ngoSepthemba 17 ngaphambi kokuthi abhekane neqembu elifanayo eThekwini ngoSepthemba 24.
“Besifuna ukugcina amathuba ethu okunqoba iRugby Championship futhi besazi ukuthi sekuphele iminyaka eyisishiyagalolunye sagcina ukunqoba e-Australia,” kuqhuba uKolisi.
“Wonke amaqembu ayafuna ukuthola imiphumela emihle masonto onke futhi ahlale esicongweni kodwa kunzima. Wonke amaqembu ayalwa kodwa ngicabanga ukuthi lokho kwenza lo mqhudelwano ube nohlonze ngoba akwaziwa ukuthi yiliphi iqembu elizonqoba."
AmaBhokobhoko agcine ukudla isicoco seRugby Championship ngo-2019 kanti njengamanje siphethwe yiNew Zealand, enqobe ngonyaka odlule.