SEKUQUBUKE uvalo ngokufa kwenduna yezinsizwa yaseNgcungcwana, eNanda, okuthiwa ihlatshwe ngobhoko yashona izama ukulamula abebelwa emshadweni.
Kuthiwa uMnuz Khehla Goqo (52) uhlatshwe ngobhoko wafa ngeSonto ntambama ezama ukulamula abantu abebelwa emshadweni.
UNkk Zinhle Ncengwa (45) obeshada umshado wesintu nomyeni wakhe ongasekho uthe kubashiye bephatheke kabi ukubulawa kukaGoqo amchaze njengomuntu obewusizo.
“UGoqo ubewumuntu onosizo. Nangosuku lomshado ubelana ekhaya ezosiza njengenduna yezinsizwa ezoqinisekisa ukuthi wonke umcimbi uqhubeka ngendlela ngaphandle kwezinkinga. Siphatheke kabi ngokwenzeke kuye. Kubuhlungu kakhulu kimina njengoba bekuwumcimbi wami lo,” kusho uNkk Ncengwa.
Uthe ubengekho lapho kubulawele khona uGoqo.
Ngokusho kwakhe lesi sigameko kukhokala ukuthi senzeke emuva kwehora lesihlanu ntambama seyiqediwe imicikilisho yomcimbi naye eseqedile nokwaba.
UNkk Ncengwa uthe kube nokuhilizisana phakathi kwabantu abebehambele umcimbi obekukhona kubo abasendaweni nabaseGreytown nabaseMatata obekukhona kubo namalungu omndeni.
Kuthiwa abanye balabo abebehambele umcimbi bebephethe izibhamu futhi bekukhona abebenochuku.
Kukholakala ukuthi uGoqo ubulawe ezama ukulamula ngesikhathi isimo singasalawuleki. Kukhona abalimele, abanye baphuthunyiswa esibhedlela babuye badedelwa ngesikhathi kusuka udungunyane.
Uthe okwamanje akukaziwa ukuthi wubani obulale uGoqo kodwa bayafisa ukuthi abenze lokho bangatholakala baboshwe.
Udadewabo, uNksz Bongisiwe Dlamini, uthe bafisa sengathi kungasheshe kutholakale labo abathintekayo.
Nabo bahlalele ovalweni ngenxa yokuthi kukhona asebebebasabisa endaweni kodwa akubona abomndeni kaGoqo.
Bathe bayafisa ukusizana nomphakathi namaphoyisa ukuze kuboshwe labo abathintekayo.
Izinduna zendawo sezinxuse amalungu omphakathi ukuthi alinde umthetho wenze umsebenzi wawo.
Induna yendawo, uMnuz Jabulani Magwaza, uthe isizwe samaQadi silahlekelwe ngokubulawa kukaGoqo.
Uthe ubewumuntu obenza umsebenzi omkhulu njengoba ebehlanganisa izinsizwa futhi aphinde abe khona emicimbini ezoqinisekisa ukuthi izinsizwa ziziphatha ngendlela efanele.
Enye induna, uMnuz Bonginkosi Mdima, inxuse umphakathi ukuthi wehlise umoya, ulinde amaphoyisa ukuthi enze umsebenzi.
Umndeni kaGoqo uthe awukahlangani ngakho ngeke kube lula ukuthi ungaphawula ngokulimala kwakhe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya ngecala lokubulala. Uthe bekungakaboshwa muntu okwamanje.