IBUKEKA iya ngokuqina indaba yokuthi umdlali weHollywoodbets Sharks, uSiya Kolisi, angase abuyele kwiDHL Stormers nakuba umqeqeshi wakhe, uJohn Plumtree, engathandanga ukuphawula kakhulu ngayo.
Emasontweni amabili edlule kuvele imibiko yokuthi uKolosi ufuna ukubuyela eKapa ukuze ezosondelana nomndeni wakhe.
Uyena obehola iSharks ngesikhathi iguqiswa yiStormers ngo 24-20 emdlalweni we-United Rugby Championship obuseDHL Stadium, eKapa, ngoMgqibelo ntambama.
ISharks ezinze eThekwini, isanda kukhokha isamba semali esilinganiselwa ku-R18 million ukuze ikhulule uKolisi kwinkontileka abenayo neqembu laseFrance, iRacing 92.
“Asikabhekani nalokho okwamanje. Kungimangazile futhi kwenzeke ngesikhathi silungiselela lo mdlalo,” kusho uPlumtree.
“Ngiyazihlukanisa izindaba. Okubalulekile kimina yiqembu, hhayi indaba yomuntu oyedwa noma ngabe kungukaputeni. Ngimbuzile ukuthi ukulungele yini ukudlala, kwadingeka ukuthi silungiselele umdlalo. Sizobhekana nalokho ezinsukwini ezizayo, angazi nini.”
Khonamanjalo: Umqeqeshi weStormers, uJohn Dobson, naye uphawulile ngalolu daba, wathi konke kulele kwiSharks njengoba uKolisi enenkontileka nayo.
“Sekuyaziwa ukuthi uSiya angakuthakasela ukubuyela eKapa futhi yinto esingayithokozela leyo kodwa unenkontileka neSharks. Uma engathanda ukusijoyina lokho kungaba phakathi kwakhe neSharks. Asizange siye kuyena ngoba sinobudlelwano obuhle neSharks,” usho kanje lo mqeqeshi.
“Ungumholi nomdlali osezingeni eliphezulu futhi unomlando omude kwiStormers kodwa konke okuzokwenzeka kuzoncika kuyena neSharks.”
Mayelana nokuqunjwa phansi yiStormers ngoMgqibelo, uPlumtree uvumile ukuthi ezakhe zenze amaphutha ngezikhathi ezibucayi zomdlalo.
Uphinde wakhala ngokukhishwa kuka-Ethan Hooker sekuzoyiwa ekhefini, okuholele ekutheni baqale isiwombe sesibili beshoda.
“Akufanele nakancane singenelwe yi-try enje. Ngicabanga ukuthi abadlali bethu baphambili bebekhathele ngasekupheleni komdlalo. Besingasenabo nabaholi enkundleni njengoba bese bephumile,” usho kanje.
“Asizange sikwazi ukugcina ibhola ekuqaleni kwesiwombe sesibili. Yilapho iStormers eqale khona ukudlala ngokukhululeka. Sizamile ukuyivimba, abadlali bakhombisa isibindi sesishoda futhi ngiyaziqhenya ngabo.”