Bafana Bafana (2) 3
South Sudan (1) 2
IBAFANA Bafana yehlise amatata sekuvalwe amehlo kubalandeli bayo ithatha amaphuzu agcwele kwiSouth Sudan emdlalweni ka-Group K wokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) ngoLwesibili ntambama, eJuba International Stadium ekuhambeni.
Elakuleli lize emdlalweni liwadinga amaphuzu agcwele ngemuva kokubanjelwa ekhaya ngo 2-2 yi-Uganda ngoLwesihlanu olwedlule.
Lo mphumela ubeka i-Uganda neBafana esicongweni sika-Group K ngamaphuzu amane. ICongo-Brazzaville inamathathu bese kuba iSouth Sudan emsileni ngeqanda.
Iphenathi edalwe uSiyabonga Ngezana kube iyona okuvele ngayo igoli lokuvula inkundla ngonyawo lukaTito Okello oyibeke enethini ngomzuzu ka-15.
Kudlule imizuzu emibili yalinganisa iBafana ngegoli lika-Oswin Appollis, ngaphambi kokuthi kube ilo mgadli waseKapa futhi ovala isiwombe sokuqala ngelesibili.
Uphinde wayilinganisela iSouth Sudan uValentino Yuel zisanda kubuya ekhefini ngaphambi kokuthi uThalente Mbatha aphinde asindise iBafana engozini ngegoli alishaye esikhathini esengeziwe.
Ukunqoba kwe-Uganda kwiCongo-Brazzaville komunye ka-Group K ngoMsombuluko kwenze iBafana yafika kulo mdlalo ikuqonda ukuthi imelwe ukuqoqa amaphuzu amathathu noma kanjani.
Nangempela iBafana iyona ewuqale ngamandla umdlalo kusobala ukuthi iqembu lasekhaya lithwele kanzima kodwa kungalindelekile lizithole selihamba phambili kulandela ukuvela kwephenathi.
Le phenathi imdlile uSipho Chaine, obebonakala okokuqala edlubhe imibala yeBafana. Ubethatha indawo kaVeli Mothwa, owenza amaphutha bedlala ne-Uganda.
Bekumele iBafana ithole eyayo iphenathi ngomzuzu wokugcina wesiwombe sokuqala kodwa yancishwa unondweba waseNigeria.
Akuzange kumvimbe nokho u-Appollis ukuthi ashaye igoli lesibili.
Nesesibili isiwombe siqale ngendlela okuphele ngayo esokuqala lapho iBafana ibizenzela khona ebholeni bese kuba yiqembu lasekhaya ebelisebenza ukucinga u-Okello njalo uma lithola ibhola.
Nangempela lize lavela igoli lokulinganisa lishaywa uYuel ngomzuzu ka-57 ngaphambi kokuthi uMbatha aphinde atakule leli qembu lesizwe. UMbatha odlalela i-Orlando Pirates, uyena oqinisekise ukuthi iBafana ithola iphuzu kwi-Uganda, eshaya igoli lokulinganisa.
Ngemuva kokuthi iSouth Sudan ithole igoli lesibili, iBafana ihlasele ngamandla nomqeqeshi uHugo Broos esenze izinguquko kungena uMbatha, Elias Mokwana noRelebohile Mofokeng.