AKUSIBONA abalandeli beKaizer Chiefs kuphela asebelala bengalele belindele ukumenyezelwa komqeqeshi weqembu labo wena owabona izintombi eziyishumi ezazilinde umyeni kodwa nabahleli beShell Helix Ultra Cup balindele lolu suku nomzuzu okungaziwa.
UBertie Grobbelaar, oyiManaging Director yeStadium Management engabaphathi beFNB Stadium, uveze lokhu ekhuluma nabezindaba izolo.
Babambisene nabaxhasi iShell ekuhleleni umqhudelwano oqalayo ukuba khona abanye abawuthatha njengozobambela iCarling Black Label Cup engeke ibe khona kulo nyaka ngenxa yeNdebe yoMhlaba.
Umdlalo ungoJulayi 21 kule nkundla ngo-3 ntambama. Uqhathe iChiefs neMamelodi Sundowns. ICarling Cup, okulindeleke ukuthi ibuye ngonyaka ozayo, idlalwa Amakhosi ne-Orlando Pirates kanti ibiheha izinkulungwane zabalandeli bala maqembu aseSoweto.
Izolo uGrobbelaar uveze ukuthi kusadayiswe amathikithi angu-10 000. Amathikithi adayiswa e-computicket ngo-70 kuya ku-R170.
“Abantu bakhombisa ukuwuthakasela umdlalo ngoba siyabona ukuphawula kwabo ezinkundleni zokuxhumana. Kodwa indaba enkulu eyomqeqeshi weKaizer Chiefs. Ngiyacabanga ukuthi uma eke wamenyezelwa lokho kuzokwenza sinyuke isibalo sabalangazelele umdlalo,” kusho uGrobbelaar.
Ngesonto eledlule, uBobby Motaung, oyimenenja yeChiefs utshele abezindaba ukuthi angase amanyezelwe kuleli sonto umqeqeshi ozothatha selokhu kwashiya uSteve Komphela osethole ikhaya elisha kwiBloemfontein Celtic.
Igama eselivela elikaStuart Baxter nokho okusamele kuxoxwe nenhlangano eyengamele ibhola iSafa ukuze imkhulule enkontilekeni yeminyaka emihlanu ayisaniye ngoJanuwari.
UMotaung waveza ukuthi bonke abaqeqeshi abebexoxa nabo baphunyuke ezandleni ngezizathu ezehlukene.
Uma uBaxter ebuya eNaturena kuzobe sekungokwesibili. Washiya ngo-2015 ngemuva kwamasizini amathathu ayehambisana nezicoco ezine.
UGrobbelaar ubuye waveza ukuthi kunomunye umdlalo abawuhlelayo wokulungiselela isizini entsha ozoqhatha iChiefs neCape Town City eMbombela Stadium ngoJulayi 28.
IShell Helix Cup kunesivumelwano seminyaka emithathu nayo yingakho uGrobbelaar ethe kumqoka ukuthi umdlalo wokuqala ube yimpumelelo ngokuthi abalandeli bagcwalise inkundla.
Uthe uma sekubuya iCarling Black Label Cup ngonyaka ozayo bazobonisana ukuze kungashayisani izinsuku. Lo mqhudelwano nawo ububa ngoJulayi ngaphambi kokuqala kwesizini. Isizini ka-2018/2019 kulindeleke ukuthi iqale ngo-Agasti 3.