UPHUMELE eshashalazini ngokufiswa uyena umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, ngekusasa lomgadli ogoduke nesicathulo segolide kwiDStv Premiership, uTshegofatso Mabasa, okunesikhathi emataniswa neqembu laphesheya kwezilwandle.
UMabasa (27) ubaqwaqwade bonke emakhanda abagadli esigabeni esikhulu lapho evalele khona amagoli eligi angu-16 emidlalweni engu-26.
Amagoli ayisithupha kaMabasa asize iMoroka Swallows ukuba ivike ukugencwa izembe kwase kuthi amanye angu-10 awashayele iPirates ayibekela indawo kwiCaf Champions League ngesizini ezayo ngokuqeda endaweni yesibili kwi-log.
Isizini esanda kusongwa iqale uMabasa ebolekiswe kwiSwallows okuthe ingahaqwa izinkinga zezimali maphakathi (nayo) lo mgadli odabuka eFree State, wabuyela kwiPirates.
Ngendlela uMabasa abenganakekile ngayo kwiPirates kuke kwaba nongabazane ngokuthi uzoqhubeka yini kuyona kwazise ibimchaze njengongekho ezinhlelweni ngesikhathi kuqala eka-2023/2024, nokubonakale ngokuthi abolekiswe kwiZinyoni.
Kulapho namahlebezi abekhomba uMabasa kwiMamelodi Sundowns eqalile ukuzungeza kwabezindaba kodwa lokhu akuzange kuphushele iPirates ukuba iphumele obala ngekusasa likaMabasa ophelelwa inkontileka ngoJuni ka-2026.
Usheshe wacisha nokho lowo mlilo sekuvela igama leFC Steaua Bucuresti (FCSB) yaseRomania edlalelwa, uSiyabonga Ngezana, emthathe kwiKaizer Chiefs ekupheleni kwesizini ka-2022/2023.
NgoJanuwari, amaphephandaba seGoli aveze ukuthi uMabasa uvulelekile ukuya kwiFCSB kwazise izobe idlala kwi-Uefa Champions League ngesizini ezayo.
Nodaba lwemihlomulo ehamba nokudlalela iSundowns kubadlali asebebheke ku-30 ngokweminyaka, kuke kwabikwa ukuthi nakho akanankinga nakho lo mgadli.
Indlela uRiveiro akhulume ngayo emuva kokubambana neSuperSport United emdlalweni wokusonga iligi ngempelasonto edlule, uveze okokuqala ukuthi yini efunwa ilo mqeqeshi ngalo mgadli.
“Kusukeka uMabasa ebuyile kwiPirates angikaze ngikufihle ukuthi uwuhlobo lomgadli owenza sidlale kangcono njengeqembu,” kusho uRiveiro.
“Kumfanele ukugoduka nalo mklomelo ngoba uwumdlali oqeqeshekayo, okumnandi kozakwabo uma ekhona kodwa agqame ngakho kunakho konke ukuzimisela ukusebenza.
“Akuhlomulile ngalo mklomelo umvuzo wokuzimisela kusukela kwiSwallows kuze kuba ufika kithina.
“Engikufisayo ukuthi aqhubeke nokusenzela lo msebenzi oncomekayo kwiPirates nangesizini ezayo,” kuphetha uRiveiro.
UMabasa oshaywe ngesithende esikwatini seBafana Bafana esisazonqanyulwa ngoLwesine, unethuba lokwandisa kumagoli akhe kule sizini njengoba besonga ngowamanqamu weNedbank Cup neSundowns ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, eMbombela Stadium, eNelspruit.