I-HOLLYWOODBETS Sharks iqinisekisile ukuthi isizodlalela ekhaya uma iqhubeka kwi-EPCR Challenge Cup ngesikhathi iqumba phansi iDragons yaseWales ngo 29-9 eRodney Parade, edolobheni iNewport, ngeSonto ebusuku.
Iqembu likaJohn Plumtree liphinde langena kulo mdlalo engekho lo mqeqeshi waseNew Zealand osahlabe ikhefu ukuyobhekana nezindaba ezithinta umndeni wakhe.
Yize bese livele lizibekisele indawo kwiLast 16 yalo mqhudelwano kodwa bekusemqoka ukuthti liyaqhwakela eqoqweni lalo, uPool 1, ukuze likwazi ukudlalela ekhaya emizuliswaneni yomkhumulajezi.
Kuyiwe ekhefini iSharks ihamba phambili ngo 12-6 kulandela ama-try ashaywe nguJaden Hendrikse no-Ox Nche, labuya laqedela umsebenzi esiwombeni sesibili ngama-try abekwe nguGerbrandt Grobler, Le Roux Roets noWerner Kok. UCurwin Bosch uwabeke phakathi ngonyawo ama-conversion amabili.
Amaphuzu eDragons aqhamuke ngamaphenathi amathathu akhahlelwe ngu-Cai Evans.
Lo mphumela ushiye iSharks isesicongweni ngamaphuzu angu-17, futhi ihamba phambili kunamaqembu aqhwakele kwamanye amaqoqo.
Isizobhekana neqembu lase-Italy, iZebre, emdlalweni weLast 16 ozobanjelwa eHollywoodbets Kings Park ngempelasonto yokuqala yango-Ephreli.
Amanye amaqembu aseNingizimu Afrika, i-Emirates Lions ne-Toyota Free State Cheetahs, nawo angenile kwiLast 16 kodwa azodlalela ekuhambeni namaqembu aseFrance.
ILions izodudulana neBenotton bese iCheetahs itholana phezulu neClermont Auvergne.
Bekungokokuqala kule sizini ukuthi iSharks inqobe imidlalo emibili ilandelana, kwazise ibinqobe i-Oyonnax yaseFrance ngaphambi kokubhekana neDragons.
Leli qembu selizobheka ukuthi lingalahlekelwa wumgqigqo walo omuhle njengoba selizobuyela kwi-United Rugby Championship, okuwumqhudelwano elisashaye udaka kuwona.
Kwi-URC selibulawe ngesibhaxu emidlalweni eyisishiyagalombili kweyisishiyagalolunye eseliyidlalile futhi lisemsileni ngamaphuzu ayisishiyagalolunye.
Lizothola ithuba lokukhokha umoya njengoba lizoze libuyele enkundeni ngoFebhuwari 17 selizobhekana neDHL Stormers eHollywoodbets Kings Park.