UMQEQESHI weNjampela FC, uTshepo Motsoeneng, ukholwa wukuthi ukuwina umqhudelwano iPrince Mangosuthu Legacy Cup kubagqugquzele abafana bakhe ukuthi banyusele leli qembu kwiMotsepe Foundation Championship ekupheleni kwesizini.
INjampela yaKwaNongoma egijima kwiSafa KZN ABC Motsepe League, ikhale yemuka nendebe yePrince Mangosuthu Legacy Cup emuva kokwehlula iRichards Bay ngo 4-3 sekukhahlelwa amaphenathi kowamanqamu ePrince Mangosuthu Regional Stadium, Olundi, ngoMgqibelo.
Abafana Basekuthuleni, bafinyelele kowamanqamu emuva kokuthela othulini iNsingizini Hotpurs yaseSwatini kowandulela owamanqamu.
Ngesizini edlule, iNjampela ijabhise abalandeli bayo yehluleka ukwenyukela kwiChampionship emuva kokushaywa emidlalweni yokuhlunga kazwelonke eNorth West.
“Ngesikhathi siqala ngesizini edlule, siqale ngokuwina enye indebe engingafuni ukuyidalula ngoba sikulo mqhudelwano womuntu omkhulu, sawuwina. Yisiqalo lesi eqenjini lami. Ngihlala ngisho ukuthi ukuqala ngendondo, kukufaka egiyeni lemidlalo engu-18 (yeligi yeMotsepe). Manje sekusezandleni zabafana ukubona ukuthi sihlulekile ngesizini edlule e-Upington, singakwazi yini ukuyozama futhi kwenye indawo. Mhlawumbe kulokhu kuzokwenzeka,” kusho uMotsoeneng.
“I-KZN yayidangele ngoba ngafika lapha kubhekwe lukhulu kimina njengomqeqeshi ngokuthi sijwayele ukuwina iligi, sidlulele kuma-play off. Bonke abantu babefuna ngiye laphaya ngiyowina. Uma siqala ngokuwina indebe sisazicijela ukuqala kwesizini njengalena, kuyinto enkulu kimina. Asikaze siwudlale lo mqhudelwano. Besihlala sifika njengabalandeli, sihlale laphaya siphethe amavuvuzela. Kodwa namuhla sisenkundleni. Ngithi eqenjini lami asigqugquzeleke kusukela lapha, sibhukule, sibone ukuthi singaphumelela ukuwina ama-play offs.”
IPrince Mangosuthu Legacy Cup edlalwa minyaka yonke, kuhloswe ngawo ukuhlonipha amagalelo owayengundunankulu kaZulu, uMangosuthu Buthelezi ongasekho. Ubuhanjelwe nayizinkakha zeKaizer Chiefs ezehlule ezaseKZN ngo 1-0 emdlalweni wokundlalela owamanqamu.
Umqeqeshi weBay, uBrandon Truter, uthe lo mqhudelwano ubakhombise ezinye izinto okufanele bazilungise ngaphambi komdlalo wokuqala wesizini kwi-Betway Premiership abazowugijima neTS Galaxy eKing Zwelithini Stadium eMlaza, ngeSonto ngo-3 ntambama.
“Bekuwumqhudelwano omuhle. Siphumelele ukudlala imidlalo emibili futhi siphume kuyona bengekho abadlali abalimele. Yilokho ebesikufuna ukuthola ulwazi emdlalweni uqobo. Ngokwezinga labadlali bethu, bekufanele sishaye amagoli. Emidlalweni yokuzicijela ukuqala kwesizini, sibhekane namaqembu ahlaselayo. Kodwa lapha sidlale neqembu ebelinenkani emuva,” kusho uTruter.