USEYAQALA ukubona ukukhanya umqeqeshi weHollywoodbets Sharks, uJohn Plumtree, kulandela ukungena kalula kwezakhe kuma-quarter-final eChallenge Cup ngeSonto ntambama.
ISharks ibhudluze iqembu lase-Italy, iZebre, ngo 47-3 koweLast 16 obuseHollywoodbets Kings Park.
Yize umdlalo ubungelula kuwona womabili amaqembu ngenxa yemvula kodwa ezikaPlumtree zikhombise ubuhlakani ngokudlala uhlobo lombhoxo obeluwufanele umdlalo, ziholwa nguSiya Masuku, ogijima kwi-flyhalf, ogcine eqokwe njengomdlali ovelele.
Ama-try ayisikhombisa eSharks abekwe nguVincent Tshituka, Werner Kok, Corne Rahl, Aphelele Fassi, Ethan Hooker noCurwin Bosch. UMasuku uwabeke phakathi ama-conversion amahlanu, enye yashaywa nguBosch.
Izivakashi yizona ezihambe phambili kuqala ngephenathi eshaywe nguTiff Eden umdlalo usanda kuqala, kwabe sekuphelela lapho.
ISharks isizotholana phezulu neqembu laseScotland, i-Edinburgh, kowama-quarter-final ozodlalelwa eKings Park ngoMgqibelo.
La maqembu asanda kugadulisana kowamaqoqo kwi-United Rugby Championship ngoMashi 30, kwanqoba iSharks ngo 23-13.
“Besivele sihlose ukuthi sidlale kahle kule midlalo emine selokhu sibuye ekhefini, sakwazi ukunqoba emithathu kuyona. Lokhu kusibeka endaweni enhle njengoba sesibheke kowama-quarter-final esizowudlala ne-Edinburgh,” usho kanje uPlumtree.
“Kuzoba wumdlalo omqoka kuwona womabili amaqembu. Womabili azimisele ngempela ukungena kowandulela owamanqamu ngakho-ke kuzoba wumdlalo onzima. Siyazi ukuthi i-Edinburgh iyiqembu elisezingeni eliphezulu kangakanani.”
Ukuqhwakela kweSharks eqoqweni layo kwiChallenge Cup nokuthola amaphuzu angcono kunawo wonke amaqembu esigabeni samaqoqo kusho ukuthi leli qembu lizoqhubeka lidlalele ekhaya uma lidlulela kowandulela owamanqamu.
Umdlalo wamanqamu uzoba seTottenham Hotspur Stadium, eLondon, e-England, ngoMeyi 24.
Khonamanjalo, luphelele kwiLast 16 uhambo lwamanye amaqembu akuleli abeyingxenye yeChallenge Cup. IToyota Cheetahs inqotshwe yiqembu laseFrance ngo 27-22, i-Emirates Lions yakhishwa yiBenetton yase-Italy ngo 27-17.
Komunye umqhudelwano, iChampions Cup, iVodacom Bulls idlulele kuma-quarterfinal ngokuxebula iLyon yaseFrance ngo 59-19, iDHL Stormers yawashiswa ijezi elinye laseFrance, iStade Rochelais, eyinqobe ngo 22-21.
IBulls isizobhekana neNorthhampton Saints yase-England ekuhambeni ngoMgqibelo.