UKUNGAGAYELWA mphako kweNapoli selokhu kuqale le sizini ka-2022/2023 yeSerie A yase-Italy, kuyinkomba yokuthi kukhona lapho eliya khona leli qembu ngaphansi kwesandla somqeqeshi, uLuciano Spalleti, othathe izintambo zokuqeqesha ngesizini edlule.
USpalleti, phambilini oke waqeqesha amanye amaqembu ase-Italy okubalwa kuwo iRoma ne-Inter Milan, uthathe izintambo zokuqeqesha iNapoli kuGennaro Gattuso.
Ngesizini edlule, iNapoli iqede endaweni yesithathu kwi-log ngaphansi kukaSpalleti obekuyisizini yakhe yokuqala, kanti njengamanje yiyo ezihola phambili kwi-log yeSerie A.
Yize luselude ukhalo olusazohanjwa kodwa indlela iNapoli eqoqa ngayo amaphuzu nangendlela ehlohla ngayo amagoli, kuyibeka ethubeni elihle lokuthwalwa ngeqoma njengeqembu elingagcina lemuke naso isicoco seligi yeSerie A kule sizini.
Emidlalweni engu-21, iNapoli isinamaphuzu angu-56, ilandelwa yi-Inter Milan endaweni yesibili ngangu-43 emidlalweni elinganayo. Lokhu kusho igebe lamaphuzu angu-13 phakathi kwala maqembu.
Ngaphandle kokuguqiswa yizimbangi zayo i-Inter Milan ngo-1-0 ngoJanuwari 4, iNapoli isinqobe imidlalo engu-15 kwengu-16 yeligi kusukela ngoSepthemba.
INapoli izotholana phezulu neCremonese koweSerie A, eDiego Armando Maradona Stadium, eNaples, kusasa ngo-9.45 ebusuku.
Leli qembu eligcine ngesizini ka-2019/2020, ukuphakamisa isicoco ngokunqoba iCoppa Italia, sekuphele amasizini angu-32 wonke lingasinqobi isicoco seligi yeSerie A njengoba laligcine ukusinqoba ngesizini ka-1989/1990, kusagijima izihlabani okubalwa kuzo uDiego Maradona (ongasekho) noGianfranco Zola.
Yize uSpalleti wanqoba izicoco ezintathu neRoma, okuyiCoppa Italia amahlandla amabili, neSupercoppa Italiana kodwa akakaze ayinqobe iSerie A, nokubukeka engase aqophe umlando kule sizini uma ezakhe zingagcina zikwazile ukusinqoba lesi sicoco.
Phakathi kwabadlali abagqamile kule sizini kuleli qembu nokuyibona okubhekeke ukuba bathwale iGli Azzurri kuze kube sekugcineni, kubalwa kubona umgadli uGiovanni Simeone, uKhvicha Kvaratskhelia, isitobha uMin-Jae Kim, umdlali waseswini uTanguy Ndombele, nomgadli ovutha uphondo uVictor Osimhen.
U-Osimhen (24) ongumgadli odabuka eNigeria, nosekuyisizini yakhe yesithathu le egijima kwiNapoli, ukhombisa ukudlondloba njengoba ngesizini edlule eshaye amagoli angu-18 kuyo yonke imiqhudelwano.
“UVictor usezingeni elifanayo nelikaDrogba, kodwa uDrogba wayengaziwisi. Uma ngingaba seqenjini elinemali ngingamthenga ngishesha lo mdlali. Kodwa-ke kuzofanele ayeke ukuziwisa uma efuna ukuyodlala e-England,” kusho uMourinho wodumo.
Imidlalo yeSerie A:
Namuhla:
Empoli v Spezia (4pm); Lecce v Roma (7pm); Lazio v Atalanta (9.45pm)
Kusasa:
Udinese v Sassuolo (1.30pm); Bologna v Monza (4pm); Juventus v Fiorentina (7pm); Napoli v Cremonese (9.45pm)