Lizowudlalela ekhaya umdlalo wamanqamu we-United Rugby Championship (URC) iVodacom Bulls kulandela ukuthela phansi elase-Ireland, iLeinster, kowandulela owamanqamu eLoftus Versfeld ngempelasonto edlule.
IBulls eqede endaweni yesibili kwi-log, iguqise iLeinster ngo 25-20, emdlalweni obekulindeleke ukuthi ingaliboni elidlalayo kuwona.
Nakuba iLeinster ibiqede endaweni yesithathu kwi-log kodwa ibibophele isikwati esiqinile esihlanganise inqwaba yabadlali abayingxenye yeqembu lesizwe lase-Ireland elikleliswe endaweni yesibili emhlabeni.
IBulls yona ingene ingaphelele ngenxa yokuthi abadlali abathathu abangamaBhokobhoko, uKurt-Lee Arendse, Canan Moodie noMarcell Coetzee, bebengakulungele ukudlala ngenxa yokulimala.
Okwenze iBulls yathola igunya lokusingatha umdlalo wamanqamu wukuthi iqembu eliqhwakele kwi-URC ekupheleni kwesigaba samaqoqo, iMunster, nalo liwashiswe ijezi kowandulela owamanqamu ngoMgqibelo, linqotshwa yiGlasgow Warriors ngo17-10.
Umqeqeshi weBulls, uJake White, owayecija amaBhokobhoko ngesikhathi enqoba iNdebe yoMhlaba ngo-2007, uhlabeke umxhwele ngendlela abanqobe ngayo lo mdlalo obunzima.
“Lona ngomunye wemiphumela ehamba phambili engike ngayithola selokhu ngaba wumqeqeshi. Ngaba nenhlanhla ngisakwiBrumbies, sanqoba iBritish & Irish Lions, ngaphinde ngashaya iSouth African A neBulls,” kusho uWhite.
“Kodwa uma ngiqhathanisa amaqembu abeqhudelana, nengcindezi eza nomdlalo ofana nalo, ikakhulukazi njengoba i-Ireland izodlala kuleli maduze, kwenza ukuthi lo mphumela usho lukhulu.
“Angazi ukuthi batheni kwabezindaba ngaphambi komdlalo kodwa ngicabanga ukuthi sibathole bengazelele. Bebengacabangi ukuthi sizodlala ngale ndlela. Bebengalindele ukuthi sisebenzise laba badlali emuva.
“ILeinster iyakwazi ukuhlaziya iqembu esuke izobhekana nalo kodwa ibingeke ikwazi ukuhlaziya iqembu esilisebenzisile ngoba nami bengingazi ukuthi sizokhetha lona. Ngicabanga ukuthi sibamangazile.”
IBulls isizobhekana neWarriors kowamanqamu ozodlalelwa eLoftus Versfeld ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.
Kuzobe kungokwesibili idlala kowamanqamu alo mqhudelwano kwazise yangena nangesizini ka-2021/22, yafike yanqotshwa yiDHL Stormers.