ISWALLOWS FC iwine okokuqala esigabeni esiphezulu sebhola ihlula iBloemfontein Celtic ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership, eDobsonville Stadium ngoLwesithathu ebusuku.
IZinyoni zinqobe ngegoli likaRonald Pfumbidzai, okube wumkhonto ogwaze ekhaya kanti seziqoqe amaphuzu amane emidlalweni emibili njengoba kowokuqala zabambana ngo 1-1 neStellenbosch FC.
Bese kuphele cishe amasizini amahlanu leli qembu lanyamalala esigabeni esiphezulu ngemuva kokudliwa yizembe ngesizini ka-2014/2015. Indlela ebese lehle ngayo, lihambe laze layobhajwa esigabeni sezifunda ngaphambi kokuthi balitakule.
Sekuwumlando ukuthi ngemuva kokungenelela kukaPanyaza Lesufi, ligcine libuyele kwiGladAfrica Championship eliyinqobile ngesizini edlule ukuze lizibekisele indawo kwiPremiership.
Umqeqeshi weSwallows, uBradon Truter, uthe bebekufanele ukunqoba.
“Bekuwumdlalo omuhle womabili amaqembu bekubonakala ukuthi azimisele ngokudlala. Sibacindezele kakhulu sifuna ukubavula. Ngicabanga ukuthi abafana bebekufanele ukunqoba,” kusho uTruter kwiSuperSport.
Emdlalweni olandelayo iSwallows izobhekana neTshakhuma FC eThohoyandou ngoLwesibili ebusuku.
Ngasohlangothini lweCeltic, umqeqeshi uJohn Maduka, uthe abadlali bakhe kuzomele bazame ukuba bukhali emapalini.
Ukhuluma kanjena ngeSonto bazodlala neSuperSport United emlenzeni wokuqala kowandulela owamanqamu eMTN 8, eLucas Moripe Stadium ngo-3 ntambama.
“Besingenayo iminyakazo etheni uma sesifike ebhokisini. Nasesiwombeni sesibili senze izinguquko kodwa ngicabanga ukuthi asidlalisanga okweCeltic engiyaziyo. Kumele senze kangcono uma sesifike ebhokisini ngoba uma singakwazi ukusebenzisa amathuba esiwakhayo, siphethe ngokulilahla ibhola sibuyisela ingcindezi odongeni lwethu,” kusho uMaduka.
Lo mqeqeshi ubuye wabalisa ngegoli abaphikelwe lona elishaywe uSiphelele Luthuli.
“Uma umi wedwa lokho akusho ukuthi njalo usuke ume ngokungemthetho. Njengoba sihlezi sigqugquzela abadlali ngokuthi behlezi bebukhali bevule amehlo, nabaphathi bemidlalo kumele benze okufanayo. Ukube libaliwe leliya goli mhlawumbe belizoshintsha okuningi,” kusho uMaduka.