OMUNYE wabadlali asebekhulile kwiKaizer Chiefs, uCole Alexander, ukholelwa ekutheni umkhiqizo wenkulisa yaMakhosi iwona ozoqeda indlala yezinkomishi kuleli qembu laseNaturena, osekuphele iminyaka eyisishiyagalombili lingazange lifake lutho ekhabetheni lezindebe.
Ngaphandle kweMacufe Cup neCarling Black Label Cup, iChiefs iyizwa ngendaba eyokudla umqhudelwano ophezulu wePremier Soccer League (PSL) kusukela kwagcina, uStuart Baxter, ngesikhathi edla isicoco seligi ngesizini ka-2014/2015.
U-Alexander (33) olizwa ngendaba ijezi okufakazelwa ukuthi usabonakale kwemihlanu yaMakhosi kule sizini, ubekhuluma nabezindaba ngosonto eledlule, eSandton, eGoli, emuva kokuqhathwa kwe-Last 32 yeNedbank Cup.
Amakhosi atonyulwe neMaritzburg United ekuhambeni, okuwumdlalo u-Alexander awubona njengonzima kodwa futhi okungaba iwona ohlahla indlela ebheke ekuqedeni indlala yezinkomishi kuleli qembu.
“Bahlukile laba badlali abakhiqizwa yinkulisa yeChiefs ngoba bawulungele manje umdlalo kanti ngezikhathi zethu kwakuqale kudlale ibhulukwe uma ukhushulelwe esigabeni esikhulu,” kusho u-Alexander.
“Abakhuliswe enkulisa yeChiefs bathi befika ngakho kodwa bebe begqama kanti kuthina kwakuthatha imidlalo eminingi ukuthi sijwayele. Banesibindi esisabekayo uma uqhathanisa indlela abadlala ngayo neminyaka yabo.
“Kufanele ishayelwe ihlombe inkulisa yeChiefs ngokukhiqiza abadlali abafika esigabeni esikhulu kube sengathi kade bafika kusona.
“Isibonelo esisobala uNjabulo (Blom), engimjabulele kakhulu ethola ithuba lamadlelo aluhlaza phesheya kwezilwandle ngoba bekumfanele.
“Bheka indlela akhula ngayo uSamkelo (Zwane), Mduduzi (Shabalala), Happy (Mashinane) noNkosingiphile (Ngcobo) bonke badlala into ebonakalayo ekubeni kusekhona nabanye abalokhu bekhushulwa.
“Bonke laba badlali kungaba ibona abangaba yimpendulo ngokubuyisa udumo lwezinkomishi kwiChiefs,” kusho u-Alexander.
Akazange avume ukuthi kuthishwe bona kwiMaritzburg ngoba imidlalo isinzima yonke.
“Wonke amaqembu akulo mqhudelwano akusebenzele ukuba ingxenye yawo ngakho ukuthatha kancane iqembu kuvamise ukuba ingozi kwiNedbank.
“Sonke sisayinele ukuwina izinkomishi kwiChiefs ngakho leli elinye ithuba lokulungisa amaphutha ethu eminyaka edlule.
“Kusemqoka ukuthi abalandeli bethu bakwazi ukuthi ubuhlungu ababuzwayo nathi siyabuzwa ingakho sisebenza ngokuzikhandla ukuguqula isimo sibabuyisele injabulo ebafanele,” kuphetha u-Alexander.
IChiefs akuyihambelanga kahle ngempelasonto edlule koweDStv Premiership, njengoba ibhaxatshulwe AmaZulu FC ngo-4-0. Kolandelayo weligi izoqhuthana neMamelodi Sundowns ezihola phambili kwi-log. IChiefs ibambe indawo yesine. Izinsuku nezindawo zeNedbank Cup kusazomenyezelwa.