UKULINDELE ukubhekana neqembu elizohlala emuva u-Arthur Zwane iqembu lakhe iKaizer Chiefs elizokwamukela AmaZulu FC koweMTN8.
Amakhosi azokwamukela Usuthu kowomlenze wokuqala owandulela owamanqamu weWafa Wafa eFNB Stadium, eNasrec, ngeSonto, ngo-3.30 ntambama.
Owomlenze wesibili, ozocacisa iqembu elizodlala kowamanqamu, uzodlalelwa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngo-Okthoba 23. Emdlalweni weligi emasontweni adlule, iChiefs naMaZulu badlale ngokulingana ngo-0-0.
Yilowo mdlalo owenze uZwane wabona okumele akulindele kubafana bakaBrandon Truter ngempelasonto
"Ngesikhathi sidlala nawo bekuwumdlalo weligi futhi ububona ukuthi badlala ngokucophelela. Bekucaca ukuthi bajabule ngephuzu. Kulokhu kuzoba wumdlalo ohlukile ngoba wumdlalo womkhumulajezi.
“Bengaphinda badlale ngendlela efanayo. Bengafuna ukuhlala emuva. Siyakusola lokho. Bengafuna ukuhlala emuva, basizume. Kufanele sikulungele lokho. Kodwa thina sidlalela ekhaya, kufanele sishaye amagoli amabili noma amathathu. Siyethemba ukuthi ngeke lingene ngakithina," kusho uZwane.
AmaZulu azovakashela iChiefs nje, kunezinkulumo zokuthi uzoxoshwa uTruter ngenxa yokuhluleka ukuthola imiphumela ejabulisayo emidlalweni yakamuva. Umengameli weqembu, uSandile Zungu, ukuchithile lokhu wathi basamethemba uTruter.
UZungu akubuzwa ukuthi ngeMTN8 ubheke ukuthi uTruter afeze omunye wemigomo ambekele yona okuwukuwina indebe kule sizini. Nokho uTruter kufanele agudluze umgoqo ophambi kwakhe oyiChiefs elambele impumelelo. Ngempelasonto edlule, iChiefs iphinde yajabhisa abalandeli ngesikhathi yehlulwa yiRoyal AM kwiMacufe Cup eBloemfontein.
Lokhu kwengeze ingcindezi kuZwane osekuneqeqebana labalandeli eseliqala ukungamethembi. IChiefs nayo isineminyaka eyisikhombisa yagcina ukuphakamisa indebe yePremier Soccer League.
UZwane uthe kufanele bawuqede eGauteng umsebenzi koweMTN8.
"Sifuna ukuwina umdlalo lapha. Asifuni ukungenelwa yigoli. Kubalulekile kithina ukuthi singangenelwa yigoli kodwa siwashaye, senze isiqiniseko sokuthi sidlala owomlenze wesibili sesazi ukuthi bazodlala kanjani ngoba bazophoqeleka ukuhlasela ekhaya.
“Lokho kuzosinika ithuba lokubajezisa ngezikhala esizozithola ngoba bazobe belandela ngemuva. Yilelo iqhinga okwamanje," kusho uZwane.