UVUMA eyokuhluleka kwamaqhinga akhe, umqeqeshi weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, ezakhe ezivukelwe yiLamontville Golden Arrows koweDStv Premiership obusePeter Mokaba Stadium ngeSonto.
Kulo mdlalo iChiefs igcine iguqe ngo-3-2 yize kuyiyona eke yahamba phambili futhi ibuwuphethe umdlalo usanda kuqala.
Amakhosi abehamba phambili ngo-2-1 esiwombeni sesibili kulo mdlalo ngesikhathi lo mqeqeshi ekhipha uMduduzi Shabalala, oshaye igoli labo lesibili, noChristian Saile, wafaka uPhathutshedzo Nange noBonfils-Caleb Bimenyimana ngomzuzu ka-68.
Abafana Bes’thende bathole igoli lokulinganisa elishaywe nguKnox Mutizwa ngomzuzu ka-69 ngaphambi kokuthi lo mgadli waseZimbabwe ahlohle elenze i-Arrows iwathathe wonke amaphuzu ngomzuzu ka-78.
“Uma ngibheka uMdu (Tshabalala) ubelithwele iqembu futhi engena ezindaweni ezifanele. Kunesikhathi lapho abe namathuba okushaya amagoli amathathu emizuzwini eyisikhombisa. Elinye ibhola lidlule phezu kwepali kanti elinye ubengaliphasela uChristian.
“Ngaleso sikhathi awufuni ukumfaka ngaphansi kwengcindezi, kungcono umkhiphe esaqhuba kahle. Yilapho-ke ngicabange khona ukuthi asifake uNange azobulala umdlalo esiswini bese kukhuphuka uYusuf (Maart) abacindezele phambili bangezi kithina. Ngebhadi lokho akuzange kusebenze,” kusho uZwane.
“USaile ngokwemvelo ungumdlali osebenzisa amandla. Benginovalo lokuthi angase asilahlekele ekubeni kuza umdlalo omkhulu. Ngeshwa silahlekelwe amandla kancane ngaphambili. Naye ubengekho ezingeni lakhe, ikakhulukazi esiwombeni sokuqala, kodwa ngicabanga ukuthi ngesiwombe sesibili ubengcono.
“Kuthe uma ethola ikhadi eliphuzi ngabona ukuthi akasaphathekile kahle, bekumele sicabangele umdlalo olandelayo. Bengifisa nokukhipha uSiya (Ngezana) ngoba nginovalo lokuthi asinabo abadlali abanele abakulungele ukudlala. Ngicabanga ukuthi sisele nabadlali abangu-20 baphakathi. Baningi abalimele futhi abanye abadlali abadlalanga ngenxa yokugula.”
Umdlalo ozayo uZwane akhuluma ngawo, abazobhekana kuwona nomkhaya baseSoweto, i-Orlando Pirates e-FNB Stadium ngoMgqibelo ntambama.
Uthe bazothatha okuhle abakwenze kowe-Arrows baphinde balungise namaphutha abawenzile.
“Sithole inqwaba yamathuba, bekufanele sishaye okungenani amagoli ayisithupha esiwombeni sokuqala namanye esiwombeni sesibili. Kunalokho sigcine sesingenelwe amathathu kungenasidingo,” kuqhuba lo mqeqeshi.
“Kungumthwalo wami ukuphakamisa umoya wabadlali. Umdlalo we-Arrows usudlulile, sekuwumlando. Yebo, siphoxekile futhi siyazi ukuthi bekufanele senze kangcono kodwa akwenzekanga. Kufanele siqhubekele phambili sigxile emdlalweni olandelayo.
“Kunezinto ezinhle esingazithatha kulo mdlalo yize sibuye saphelelwa wumfutho. Sibe sesiqala ukwenza izinqumo ezingalungile ezindaweni ezibucayi kodwa yinto esingayilungisa. Kubukeka sengathi ngiphinda into eyodwa selokhu kuqale le sizini kodwa iqiniso wukuthi siyawakha amathuba,” kuphetha uZwane.