UMengameli waMaZulu, uSandile Zungu, uveza ukuthi konke kulele ku-Augastine "Diego" Mulenga ukuthi uyafuna yini ukuhlala isikhathi eside emndenini woSuthu.
Lo mdlali odlala ezinhlangothini zombili naphambili, usayine noSuthu inkontileka yezinyanga eziyisithupha. Ubekade egijima kwiChippa United.
UMulenga odabuka eZambia, ngomunye wababesesikwatini esaqopha umlando, ngokufaka okokuqala uSuthu kwiCaf Champions League ngesizini ka-2020/21 emuva kokuqeda endaweni yesibili kwi-log yeDStv Premiership. Ngaphansi komqeqeshi uBenni McCarthy, iqembu laze laphuma esigabeni samaqoqo.
Ukujoyina leli qembu, uMulenga ulandele uSifiso Ngobeni obolekwe kwiMamelodi Sundowns izinyanga eziyisithupha.
UZungu uthe bayamemukela uMulenga futhi bathemba ukuthi bazophinde babe nesikhathi esihle naye.
"Inkontileka kaMulenga ihambisana nombandela wokuthi sizoyivuselela uma enze lokhu esikulindele kuyena. Sinezinto esifuna ukuzizuza ekupheleni kwale sizini.
Okunye kwakho wukuqeda kumaqembu aphezulu kwi-log yeDStv Premiership. Silindele ukuthi alime indima enkulu ekuzuzeni lokhu," kubeka uZungu.
UMulenga ukhululwe wuSuthu elimele ngo-2022. Emuva kokwelulama, ubuyile eMzansi wajoyina iChilli Boys.
UZungu uveze okwenze baphinda babuyisa uMulenga. Ezinyangeni ezedlule, lesi sikhulu siphumele obala ngokuthi sithungatha umgadli nomdlali wasesiswini.
"Simlande ngoba sidinga umdlali wezinga eliphezulu odlala ezinhlangothini. Uma uzoqaphela amagoli ethu ashaywa ngamafolosi ethu, u-Augastine Kwem noJunior Dion. Badinga umdlali ofana noMulenga, ozobagobela amabhola ngobuchule.
Ehlandleni lokuqala uMulenga enathi, uwenze kahle lo msebenzi. Nakulokhu silindele okufanayo," kubeka uZungu.
Kumanje uSuthu seluhlukane noKeagan Buchanan oseyibamba kwiCape Town Spurs, Sibusiso Mabiliso obebuye kuleli qembu esesuka kwiKaizer Chiefs, Mfanafuthi Mkhize noSiphesihle Maduna owakhulela enkulisa yeqembu.
UZungu uthe maduze bazohlukana noMswati Mavuso noMxolisi Kunene. Uveze nokuthi zizovuselelwa ekupheleni kukaMeyi izinkontileka eziphelayo zabadlali abasafuna ukubagcina.
Omunye ophelelwa yinkontileka, uRiaan Hanamub okumanje umele izwe lakhe, iNamibia kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eqhubeka e-Ivory Coast. Kunezinkulumo zokuthi uHanamub ufunwa yi-Orlando Pirates.