UBONGA izimfundiso azithole kwiSummerfield Dynamos, uMafa Zuma osejoyine iNewcastle All Stars egijima khona kwiSafa KZN ABC Motsepe League.
UZuma odabuka eChesterville, eThekwini, ujoyine leli qembu njengomqeqeshi emasontweni edlule, iphini lakhe kuzoba uRoger Makhube ozakhele igama kwiFree State Stars.
Lo mqeqeshi waziwa kakhulu kwiSummerfield afike kuyona ngo-2017, ephuma kwi-Ashely ayikhuphulele kwi-ABC Motsepe League iphuma kwiSAB League.
KwiSummerfield yaseChatsworth usebenze nabaqeqeshi okukhona uRonnie Gabriel noClinton Larsen.
"Ngibonga kakhulu kwiSummerfield ngethuba enginike lona. Ngikuleli zinga ngenxa yayo. Ngithole ithuba lokusebenza nabaqeqeshi bezinga eliphezulu kubona iningi elinesipiliyoni sokusebenza kwiPSL. Amava abangicobelele ngawo azongisebenzela lapha kwiNewcastle. KwiSummerfield ngithole nethuba lokuya kweyokuhlunga (yeMotsepe League) lapho ebesiqhudelana nezinkakha zabaqeqeshi," kubeka uZuma.
Ngesizini edlule, iNewcastle ayilibonanga elidlalayo ku-Stream B. Umhlanganiso udliwe Umsinga okugcine kuyiwo omele iKwaZulu-Natal emidlalweni kazwelonke yokunyukela kwiMotsepe Foundation.
UZuma uthe ujabule ngesikwati sakhe kwiNewcastle. Uthe unethemba lokuthi uzokwazi ukuyifaka emaqenjini azolwela ukunqoba iligi.
"Ngifisa inhlanhla yokunyusela amaqembu esigabeni esiphezulu iqhubeke nokuhamba nami nalapha kwiNewcastle. Eminyakeni edlule ngakwaza ukukhuphulela i-Ashley kwi-ABC Motsepe League. Ayikho ingcindezi ephuma kubaphathi beNewcastle kodwa njengomqeqeshi osesazi lesi sigaba ngiyakwazi okumele ngikwenze. Kulesi sigaba awukho umqhudelwano ozodlala kuwona ngokufinyelela kwi-Top 8. Kumele silwele ukuthi iqembu silenyusele kwiMotsepe Foundation Championship.“
NgoSepthemba 16, iNewcastle izoqala imidlalo yokuhlungela ukungena kwiLast 32 Nedbank Cup. Ku-Group A, izovula neStone Breakers. Amanye amaqembu akuleli qoqo, uMkhumbane Classic, Mtuba All Stars ne-Asande. UZuma uthe bazosebenzisa iNedbank ukulungiselela imidlalo yeligi okuthiwa izoqala ekupheleni kwawo uSepthemba noma ekuqaleni kuka-Okthoba.