UMQEQESHI okungakaziki kubalandeli bakanobhutshuzwayo waseNingizimu Afrika ukuthi akaseyena oweMamelodi Sundowns, uRhulani Mokwena, udalule ukuthi uhlukane neqembu esazimisele ukulisebenzela.
UMokwena obesanda kwelula inkontileka yakhe neSundowns ngeminyaka emine uhlukanise nompetha beligi kulandela umhlangano phakathi kwakhe nabaphathi beqembu kuleli sonto.
Ngesikhathi ekhuluma kwi-podcast eyaziwa ngeleMSW, akazange enabe ngokwenzekile. Uzeseke ngokuthi kungamfaka kwenkulu inkinga ukugeqa amagula ngenxa yesivumelwano asisayine neSundowns.
Kushiye abaningi beshaqekile ukuthi iSundowns ihlukana noMokwena eqeda ukuyiwinisa isicoco sayo sesikhombisa seligi kulandelana lapho ihlulwe khona umdlalo owodwa isizini yonke.
Ngaphezulu kwalokhu wengeze ngesicoco se-African Football League (AFL) kodwa waqhuzuka ngasekugcineni kwiCaf Champions League.
Yize uMokwena ebekhuluma ngomqondo ocashile kodwa uzwakale sengathi esinye sezizathu zokuxoshwa kwakhe ukuthi uhlulwe yiChampions League.
“Kulukhuni ukuzama ukuqonda isimo esiholele ekutheni kuze kufikwe kulesi sinqumo kodwa ebholeni kuyasayinwa bese kuba nezivumelwano ezithile okuthi uma zingafezwa kuphinde kubhungwe bese kuphunywa nesinqumo,” kusho uMokwena.
“Ngizishaya isifuba ngerekhodi lami ngikwiSundowns futhi ngiyaziqhenya ngohlobo lwabadlali ebengibusiswe ngalo kodwa kuyiqiniso ukuthi ngihlulekile ukuwina iChampions League.
“Kwesinye isikhathi izinto zenzeka ngendlela engaphezulu kwamandla akho kodwa engithanda ukukucacisa ukuthi bengasazimisele futhi ngisathanda ukuqhubeka nomsebenzi wami kwiSundowns.
“Nakuba bengisazizwa kanjalo kodwa ngiphoqelekile ukuba ngiwushiye umsebenzi ngoba vele nasempilweni ngeke ukuthole konke okufunayo ngesikhathi okudinga ngaso,” kuqhuba uRhulani.
UMokwena akazange enabe ngazokwenza kusukela manje kodwa uzichaze njengomuntu ohlanyiswa ibhola.
“Akukho okuyongihlukanisa nebhola ngakho-ke ngizolokhu ngisondelene nalo mdlalo nganoma iyiphi indlela engizoyithola.
“Okwamanje ngisaphoxekile, okwenza ngizizwe sengathi ngehlelwe uthando kodwa ngiyazi ukuthi izinsusku ezimbalwa engizozichitha ngiqeqesha iBlack Poison ngiyazi zizoluvuselela lolu thando engazalwa nalo,” kuphetha uMokwena.