UHLOSE ukusebenzisa ithuba lokudlalela AmaZulu FC ukuzibonakalisa ukuthi usevuthwe kangakanani umdlali odabuka eNtuzuma, uNkosikhona Radebe.
Nakuba lo mdlali oyibamba emuva ngakwesokudla nasohlangothini esaneminyaka engu-23, ukholwa wukuthi kuningi asekufundile ebholeni nasempilweni okumenza akulungele ukwenza umehluko kuleli qembu .
URadebe usayiniswe Usuthu kulandela ukuhlukana neTS Galaxy, aqala ukubonakala kuyona esigabeni esiphezulu ngesizini ka-2021/22.
Ngaphambi kwalokho, ubedlala eqenjini leLamontville Golden Arrows leDStv Diski Challenge elamthatha kwiKZN Academy.
IRockets imthatha nje, ubesezame inhlanhla kwiMaritzburg United, Kaizer Chiefs, Royal AM, nakwamanye amaqembu akwiMotsepe Foundation Championship ne-ABC Motsepe League.
“Akukhona ukuthi ngangingazami ngoba bengikholelwa ukuthi ngithuthuke ngokwanele ukudlala kulawa mazinga kodwa izinto azihambanga ngendlela engangifisa ngayo. Ngingasho nje ukuthi mhlawumbe isikhathi sasingakafiki, nokuthhi abantu ababengimele abavumelananga ngezinto ezithile nalawa maqembu,” kusho uRadebe.
“Angazi ukuthi ngabe ngikuphi ukuba ngawajoyina lawo maqembu afana neChiefs kodwa ekugcineni iTS Galaxy yangithatha. Engakufunda wukuthi akufanele uthembe wonke umuntu ngoba abanye engangisondelene nabo babenezinhloso zabo. Ngiyakholwa wukuthi leyo mishikashika ingenze ngakhula njengomuntu nanjengomdlali.”
Nakuba uRadebe ehlale iminyaka kwiGalaxy kodwa kumasizini amane edlule uqale imidlalo emihlanu kwengu-44 ayidlalile.
Unethemba lokuthi ngeke aphenduke ifenisha oSuthwini yize ezobanga ijezi nabadlali okukhona kubona uMbongeni Gumede, Wayde Jooste noThembela Sikhakhane.
“Bese ngihlale isikhathi eside kwiGalaxy. Ngicabanga ukuthi nabo babonile ukuthi sekuyisikhathi sokuthi ngiyozama kwamanye amaqembu, mhlawumbe ngingabonakala kuwona. Ngifunde lukhulu kuyona. Ingikhulisile ngoba yilona qembu engiqale kulona ukudlala esigabeni esiphezulu noma ezinye izinto bezinzima ngaphandle kwenkundla,” uqhube kanje uRadebe.
“Okungidonse kuMaZulu wukuthi yiqembu langasekhaya kanti futhi yiqembu elikhulu ekade ngafisa ukudlala kulona. Ngihlose ukuletha lonke ulwazi enginalo lokudlala esigabeni esiphezulu. Angizele ukuzokwandisa isibalo sabadlali eqenjini kodwa ngizolwela ijezi. Nami ngifuna ukubonakalisa ukuthi ngikulungele ukudlalela leli qembu.”
Usuthu luzobhekana neSuperSport United emdlalweni weBetway Premiership eMoses Mabhida Stadium kusasa ngo-8 ebusuku.