KULINDELEKE ukuthi abaphathi beMoses Mbhida Stadium bacacise ngezinhlelo zokuphepha nokulungela kwalo deda ngendlale wenkundla ukusingatha umdlalo wamanqamu weMTN8 ngempelasonto.
NgoMgqibelo i-Orlando Pirates izobhekana neStellenbosch FC ngo-6 ntambama emdlalweni wamanqamu walo mqhudelwano onentshontsho lika-R10 million.
Kubhekwe ukuba kuvalwe ngomuntu emnyango kulo mdlalo kwazise amathikithi awo adayiswa aphela emahoreni angaphansi kwamane emasontweni amabili edlule.
Njengamanje uma usondela enkundleni ukhangwa izinsimbi ezisetshenziswa uma kwakhiwa izitezi ezikake inkundla, kukhala ubuqiqiqi kusobala ukuthi uyasha umsebenzi.
Ngaphandle kwalo msebenzi oqhubekayo okunye okugqamile nokususe izinkulumo ezinkundleni zokuxhumana ukungeneliseki kwabathile ngesimo sotshani obubonakale bugebhuka kalula kunokujwayelekile.
Ngeledlule le nkundla ibisingethe omunye umdlalo omkhulu weBetway Premiership waMaZulu FC neKaizer Chiefs okugqamise ukuphethuka kotshani futhi bezikhona lezi zinsimbi.
Lesi simo sotshani esingajwayelekile eMabhida siqale ukuqapheleka kobuphakathi kweStellies neNsingizini Hotspur yase-Eswatini koweCaf Champions League.
Kuthe kusabatshazwa lokho kwaphinde kwabhekana iStellies neMamelodi Sundowns kowomlenze wesibili wowandulela owamanqamu weMTN 8, nakhona isale imagedugedu.
UVusi Mazibuko oyimenenja yezinkundla zeTheku okukhona kuzona neMoses Mabhida, uthunyelelwe imibuzo ngesimo senkundla waphendula ngokuthi zonke izinhlelo ezihambisana nokusingatha kwabo lo mdlalo zizohlaluka esithangamini nabezindaba abasihlelile.
Emdlalweni waMaZulu neChiefs okunye okuqaphelikile isibhudubhudu esibakhona uma abalandeli bezongena enkundleni.
Bekukhona abese bedlubulundela, bebashaya indiva onogada, bechusha ngaphasi kwezinsimbi ezisemasangweni okungenwa kuwona.
Okunye okubhekwe ukuba kucace kulesi sithangami sakusasa indaba yezitimela ezizokwandiswelwa abaya enkundleni.
Yize kungakaqinisekiswa lezi zitimela zizobe zihamba phakathi kweTheku, uMlaza, KwaMashu, Pinetown, Crossmoor, South Coast naseCato Ridge.