UNEIL Tovey, owayengukaputeni weKaizer Chiefs, ubona isixazululeka inkinga yokuvuzisa amagoli kwaleli qembu okugcine kulicekele phansi ngesizini edlule.
Amakhosi angene ehlazweni ngesizini edlule eqeda endaweni yeshumi. Ingenelwe ngamagoli angu-30 emidlalweni engu-30. Lokhu kungatolikwa ngokuthi ilande ibhola enethini kuyona yonke imidlalo eyidlalile. Ukuvuzisa amagoli kweChiefs kubakhathaze kakhulu abaphathi. Baqoke ukusayinisa abadlali basemuva okukhona kubona u-Inacio Miguel wase-Angola, Rushwin Dortley nonozinti uFiacre Ntwari waseRwanda. Nokho kubukeka ingakaxazululeki inkinga kwiChiefs kwazise isingenelwe ngamagoli ayisikhombisa emidlalweni eyisihlanu yeBetway Premiership kule sizini. Lokhu sekuqala ukuqhatha uNtwari nabalandeli beChiefs njengoba sekukhona abalingabazayo izinga lakhe. Lokhu kubonakele ngesikhathi abalandeli bephosa izinto enkundleni emdlalweni weCarling Knockout iChiefs ehlulwe kuwona ngo 4-0 emasontweni adlule.
UTovey, owayedlala emuva kwiChiefs eminyakeni edlule, uthe asikho okwamanje isidingo sokuxhamazela ngesimo seChiefs.
“Asisibi kangako isimo kwiChiefs. Okwenza kubukeke sengathi isinenkinga ngamagoli amane ashaywe yiSundowns futhi bekuwumdlalo womkhumulajezi. Okufanele ikwenze wukubamba umgqigqo, ilwele ukwenza kangcono kunangesizini edlule. Kule sizini nayo iChiefs iyawashaya amagoli,” kusho uTovey.
“Okunye okumele sikubheke wukuthi abadlali basemuva basha, basadinga isikhathi sokwazana kahle. Ngibona izinto zizoba ngcono kakhulu kunangesizini edlule. Badinga isikhathi bahlangane kahle. Ngokwami badlala kangcono kakhulu kunangesizini edlule.
Ithimba labaqeqeshi leChiefs lizothola ithuba lokuhlola abanye abadlali njengoba izodlala emqhudelwaneni wamaqembu amane, iHome of The Legends Cup, eNelson Mandela Bay, eBhayi, namuhla. Kubadlali okulindeleke ukuthi babonakale enkundleni kukhona unozinti, uBruce Bvuma osefunwa ngabalandeli, Given Msimango, Pule Mmodi noTebogo Potsane obuya ekulimaleni. Amakhosi azovula neLamontville Golden Arrows ngo-10 ekuseni.
Emdlalweni wesibili kuzodlala iChippa United neMamelodi Sundowns ngo-1 emini. Amaqembu azonqoba azotholana phezulu kowamanqamu ngo-5 ntambama.
Umdlali wasemuva weSundowns, uZuko Mdunyelwa, uthe: “Amalungiselelo ahamba kahle. Nathi siyiqembu sizitshelile ukuthi kunoma yimuphi umqhudelwano esidlala kuwona sifuna ukuwina. SiyiMamelodi Sundowns sizowenza umsebenzi enkundleni,” kusho uMdunyelwa.