UMQEQESHI weCape Town City, u-Eric Tinkler, ufaka inselelo kumgadli wakhe, uKhanyisa Mayo, ukuthi abhukule uma efuna ukubalwa nabagadli bezinga eliphezulu.
Ngempelasonto edlule, iThe Citizens iqhubekile nokujabulisa abalandeli bayo inqoba oweDStv Premiership, ishaya iLamontville Golden Arrows ngo-1-0 wegoli likaBrandon Theron alinamathisele enethini usanda kuqala umdlalo.
EzikaTinkler zinqobe maqede zagudluza iMamelodi Sundowns esicongweni seDStv Premiership. Ziqhwakele ngamaphuzu awu-25, emidlalweni ewu-13. AmaBrazilians ahlikele kweyesibili ngamaphuzu awu-24. Nokho wona asadlale eyisishiyagalombili njengoba ebesamatasa nemidlalo yeCaf.
UMayo ohluleke wancama ukubhakuzisa inethi bebhekene naBafana Bes'thende, kuke kwavela ukuthi ufunwa iKaizer Chiefs, Mamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates .
Iningi belibheke ukuthi kule sizini uzobe edlala kwelinye lala maqembu.
Ngesizini edlule, uJohn Comitis wacashunwa ethi lo mdlali umdayisa uR37 million.
Namanje kuvela ukuthi lezi zinkunzi zaseGauteng zisamfuna uthuli uMayo. Emidlalweni ewu-13 yeligi useshaye amagoli ayisithupha.
Ngesizini edlule, ushaye awu-12 kwiligi nelilodwa kwiMTN8.
UTinkler uthe akawagqizi qakala amahebezi alokhu eqhubekile. Kunalokho, ufakele lo mgadli inselelo yokuthi abhukule.
"UMayo kumele akhathazwe indlela edlala ngayo kwiCape Town City. Akukona ukudlala kahle emdlalweni owodwa okuzomtholela amadlelo aluhlaza. Kumele umgqigqo wokudlala kahle ahlale ewubambile. Usahlalelwe umsebenzi omkhulu wokufika ezingeni elimfanele. Usageja amagoli okufanele awashaye kalula. Abagadli bezinga eliphezulu abalenzi leli phutha. Ngiyathemba ukuthi naye uMayo usafuna ukunqoba izicoco neCape Town City," kubeka uTinkler, othe kuyinto enhle ukuthi basaqhwakele kwi-log. Sekuphele imidlalo eyisikhombisa kulandelana yeligi iCity ingawazi umpetshisi.
Lo mgqigqo omuhle woniwe iyo i-Arrows koweCarling Black Label Knockout. Ngempelasonto edlule beyinqoba owesine kulandelana kwiligi.
"Inhloso yethu wukuba ohlwini lwamaqembu abanga isicoco seligi. Sifuna ukuqeda le sizini endaweni yesine noma kweyesihlanu. Nokho asifuni ukuzifakela ingcindezi, sithatha umdlalo ngamunye,“ kusho uTinkler.
Uncome abadlali bakhe ngokulandela imiyalelo yethimba labaqeqeshi ngesikhathi bebhekene ne-Arrows.
"Empeleni sesiyaqala ukuvuna esikutshalile. Ebesizama ukukulungisa sonke lesi sikhathi sekuyahlangana. Sebeqala ukushaya amagoli abadlali abafana noJaedin Rhodes. Wonke umdlali useyakuqonda okulindelwe kuye.“
NgoDisemba 8, iThe Citizens izodlala neStellenbosch koweligi, ekhaya eDenie Craven Stadium.