UBONA ubungcono ezimbangini zabo ezizayo umqeqeshi weCape Town City, u-Eric Tinkler njengoba belungiselela ukuqhuthana neKaizer Chiefs koweDStv Premiership kusasa.
UTinkler uthi ubona bezodlala neChiefs esilinyusile izinga kusukela ibakhiphe kwiMTN8 emasontweni edlule.
Umdlalo weligi ukusasa eFNB Stadium ngo-7.30 ebusuku.
Yize kunjalo, uTinkler uthe kukhona lapho bengakwazi ukuyilimaza ngakhona iChiefs ephekwa uMolefi Ntseki.
EzikaNtseki zizokwamukela iCity zihambela phezulu kulandela ukunqoba iSekhukhune United ngo 2-1 ngesonto eledlule. Ngemuva kwalo mdlalo, uNtseki naye watshela abezindaba ukuthi ugculisekile ngokudlala kweqembu kodwa okusele wukuthi likwazi ukubamba isigqi sokunqoba kulandelana.
La maqembu ahlangana nje, ahlukaniswe iphuzu kwi-log yize kubukeka sengathi zigqagqene izindawo ahleli kuzona.
IChiefs inqobe ngo 1-0 kumaCitizens emdlalweni wokugcina wesizini edlule ngoMeyi, kwaphinde kwaba iyona futhi ekhipha leli qembu laseKapa ojwini oluhamba neMTN 8 ngesikhathi ilishaya ngo 2-1 kowandulela owamanqamu osekungumlando ukuthi nayo igcine ikhale ngaphansi kwiMamelodi Sundowns.
“Iqiniso lami ukuthi iChiefs isikhiphe kungafanele kwiMTN8 ngoba zonke izinombolo zikhomba ukuthi ithina ebesingcono ngokomdlalo,” kusho uTinkler esithangamini nabezindaba eKapa.
“Engikuqaphelayo ngeChiefs ukuthi uma idlala nathi iyayishintsha indlela eyijwayele kepha ihlala emuva isizame ngejubane kanti kwabanye ibhola liphathwa iyona.
“Ngiyavuma ukuthi iChiefs esizobhekana nayo ngoLwesibili (kusasa), ihluke kakhulu kule ebesidlala nayo emasontweni adlule ikakhulukazi uma kuyiwa phambili.
“Kufanele sigawule sibheke kodwa nakhona ngiyabethemba abadlali bami ngoba sesingcono nasekuvuziseni amagoli,” kuqhuba yena.
AmaCitizens athole amaphuzu agcwele ngempelasonto ngemuva kwesikhathi eside, enqoba owomkhaya baseKapa, ngokushaya iCape Town Spurs ngo 3-1. Leli qembu bese liqhube imidlalo emihlanu linganqobi. Lishaywe kwemine ladlala owodwa ngokulingana. Emidlalweni emine lidedele amagoli ayisikhombisa.
UTinkler uzwakale enokukitazeka nokho esekhuluma ngodonga lwasemuva lweChiefs.
“Asingalifihli iqiniso, iChiefs isingcono kodwa udonga lwasemuva lusenakho ukuba buthaka. Ngiyakholelwa ekutheni abadlali bethu baphambili bangawuthola umvuzo ngokuba buthaka kodonga lwasemuva lweChiefs.
“Umyalezo uthi kumele sibaqaphe ngelokhozi uma ibhola likubona bese kuthi uma selingakithina, sibathwalise kanzima njengoba sihlale senza uma sibhekene nabo,” kuphetha uTinkler ngokuzethemba.
Okugqame kakhulu ngamanye amaphutha eChiefs emuva, iningi lawo enziwa unozinti uBrandon Petersen.