AKALILAHLILE ithemba lokungena koweyamaqoqo eCaf Confederation Cup, u-Eric Tinkler, oqeqesha iCape Town City.
Ngesonto eledlule, iqembu likaTinkler libambane ngo-0-0 ne-USM Alger yase-Algeria emlenzeni wokuqala obuse-Cape Town Stadium kodwa lo mqeqeshi ulindele okuhlukile uma sebedudulana okwesibili eStade du 8 Mai, eSetif, namuhla ngo-7 ebusuku.
EzikaTinkler zingene kulo mqhudelwano ngemuva kokukhishwa emidlalweni yokuhlungela iCaf Champions League lapho zabhaxatshulwa yiPetro Luanda yase-Angola ngo-4-0 uma kuhlanganiswa imilenze yomibili.
Lo mqeqeshi ukholwa ukuthi iqembu lakhe beliwuphethe umdlalo emlenzeni wokuqala kodwa laphinde lazigwaza ngowalo ngokumosha amathuba okushaya amagoli.
"Ngingahlala lapha ngikhulume ngezibalo nokuningi esikwenzile emlenzeni wokuqala kodwa konke lokho ngeke kushintshe lutho. Ngiyaziqhenya kakhulu ngabafana bami ngoba bebezimisele kodwa igoli langangena," kusho uTinkler.
"Inhloso yethu bekuwukunqoba umdlalo ukuze siye enkundleni yabo sesihamba phambili noma ingegoli elilodwa. Okuhle ukuthi yize singalitholanga igoli kodwa nathi asingenelwanga igoli. Asizuzanga lutho kodwa futhi asilahlekelwanga lutho."
UTinkler uthe umdlalo wokuqala ubanike isithombe esingcono mayelana naleli qembu lase-Alger, futhi sebeyazi ukuthi kumele baqinise kuphi emlenzeni wesibili.
"Siya ekuhambeni sazi ukuthi igoli elilodwa lizobalwa kabili uma sigcina sidlale ngokulingana. Iqiniso ukuthi sizongena enkundleni sazi ukuthi kumele sishaye igoli ukuze sibafake ngaphansi kwengcindezi," usho kanje.
"Sesibaqonda kahle ukuthi bayiqembu elinjani, siyazi lapho benamandla khona nalapho bebuthakathaka khona. Sizodlala ngendlela ebesidlala ngayo ekhaya kodwa umehluko kufanele kube ukusebenzisa amathuba ethu."
Amanye amaqembu akuleli ayingxenye yalo mqhudelwano abhekene nomqansa njengoba elandela ngemuva emidlalweni ayo. IRoyal AM iguqiswe yiTP Mazembe ngo-2-0 eDemocratic Republic of Congo, iMarumo Gallants yathelwa phansi yi-Al Ahly Tripoli yaseLibya ngo-1-0 ekuhambeni.
IThwihli Thwahla neMazembe bazophinde badudulane eMoses Mabhida Stadium kusihlwa ngo-7, iGallants ne-Al Ahly bagadulisane eRoyal Bafokeng Stadium ngo-3 ntambama.