INJINI ye-Orlando Pirates obekunesikhathi eside ingabonwa esikimini, uMiguel Timm, ayiwangabazi amandla namathuba aleli qembu laseSoweto okudlulela kweyomkhumulajezi kwiCaf Champions League kule sizini.
UTimm ongakaze adlale nowokubika kwiBetway Premiership, udlale imizuzu eyisishiyagalolunye yokugcina ngoMgqibelo ngesikhathi iPirates icazelana ngamaphuzu ne-Al Ahly yase-Egypt, e-Orlando Stadium. Ukucazelana ngamaphuzu kwePirates nompetha base-Afrika bangesizini edlule kulo mdlalo ka-Group C, kushiye zibambene ngamaphzu amane esicongweni ngemuva kwemidlalo emibili ngokwahlukana. Komunye owaleli qoqo obungoMgqibelo, i-CR Belouizdad yse-Algeria inqobe ngo 1-0 kwiStade d’Abijan yase-Ivory Coast.
Lo mphumela uqinise indawo yePirates ne-Al Ahly esicongweni, bese kuba iBelouizdad elele isithathu ngamaphuzu amathathu. NgoMgqibelo ngo-6 ntambama, iPirates izovakashela iStade d’ Abidjan yase-Ivory Coast emdlalweni wesithathu wesigaba samaqoqo.
Ngokubona kukaTimm, iPirates inawo wonke amava adingekayo ukuhamba ibanga elide kulo mqhudelwano kodwa lokhu kumele iqale ikukhombise njengoba isekweyamaqoqo.
“Okusobala wukuthi kuyasisebenzela nokungafanele sigudluke kukhona wukufaka wonke amandla emidlalweni ngayodwana,” kusho uTimm.
“Nakowase-Ivory Coast ngempelasonto ezayo sizoya ngomfutho nokuzithoba okufanayo. Esingakungabazi wukuthi iqembu lethu linawo amava okubhekana nanoma iliphi e-Afrika. Indlela yethu icentekile kodwa konke kulele kithina.
“Siya e-Abijan ngokuzethemba nokwazi ukuthi sinawo amathuluzi adingekayo ukuze sibuye nomphumela obonakalayo.
“Umdlalo olandelayo usinika elinye ithuba lokukhombisa ukuthi yize iqoqo esifakwe kulona libukeka linzima kodwa ukuzethemba kwethu kungasiwezela lapho kunoju khona,” kusho yena.
Uyakuqonda nokho uTimm ukuthi abaqeqeshi bangawenza wonke owabo umsebenzi kodwa abadlali uma bezicabangela okwabo ngeke kwenzeke mehluko.
“Singalincoma kuze kuse ithimba lethu labaqeqeshi ngomsebenzi omuhle eliwenzayo kodwa konke lokhu kungaba yize leze uma abadlali bengahambisani nomqeqeshi.
“Okwamanje indlela ithimba labaqeqeshi elisisebenzisa ngayo isikwati liyibambe ngakho.
“Siyiqembu eliqondayo ukuthi libunjwe ngabadlali beqophelo eliphezulu ngakho-ke okumqoka ukulinda ithuba lakho bese ulibamba ngazo zombili uma livela,” kusho uTimm.