ABAPHATHI boThongathi FC bathi balindele ukuthi abadlali baleli qembu bafele enkundleni njengoba izobuya imidlalo yePremier Soccer League (PSL) ngempelasonto.
Ngokusho kukaNkosinathi “VB” Chili oyisikhulu saleli qembu, balenzile iqiniso kubadlali ngesikhathi imidlalo isamile, sekulele kubona abadlali ukuthi bakhombise ukuthembeka ngokufaka iqembu emidlalweni yokuhlungela ukunyukela kwiPremiership.
UThongathi lusendaweni yesithathu kwi-log yeGladAfrica Championship kanti uma lungase luyibambe lapho, lungazibona selulwela indawo kwiPremiership neqembu elizothatha indawo yesibili kwiGladAfrica kanjalo nelizophuma endaweni ka-15 kwiPremiership.
“Sihlole kathathu abadlali bethu, sibahlolela igciwane iCorona. Lokhu kumba eqolo ngoba imali esiyisebenzisile isondela kuR100 000.
“Inkulu le mali kuThongathi ngoba kasinabo abaxhasi. Obekumele sikuqaphele kunakho konke ukuthi akwenzeki nakancane abadlali bangaholi ngoba phela lokho kungaba yihlazo futhi kubenze bangazinikeli eqenjini ngokuphelele.
“Ngingalisho ligcwale umlomo elokuthi abadlali bethu bajabule. Sekuyisikhathi manje sokuthi bayolwa enkundleni, bagcine iqembu lisendaweni yokuhlungela. Nalabo abebephelelwa yizinkontileka, bathe abahambi, bazohlala kuze kuphele le midlalo eyisithupha esele.
Lokhu kuyizonkomba zokuthi sibaphethe kahle. Esesikucela kubona ukuthi bazinikele manje, baqale ngokunqoba umdlalo wabo wokuqala neJDR,” usho kanje uChili.
Ebuzwa mayelana nokuthi bazomisa kanjani ngodaba lwabaxhasi, kwazise badonsa kanzima, uChili uthe:
“Kuyaye kudide kwesinye isikhathi ukuthi abaxhasi bafunani ngempela. Siyiqembu elenza kahle futhi imibono ngekusasa lethu icacile kanjalo nebhola esilidlalayo liyagculisa.
“Sixoxile nenkampani ekhiqiza ushukela (leli phephandaba elinalo igama layo), yakhombisa ukukuthakasela ukusebenza nathi kwazise kadeni igama lethu lesidlaliso singamaCane Cutters.
“Besithi kuzothi khaxa, kuhambisane kahle. Nokho kusathule njengamanje, bebengakabuyeli kuthina. Empeleni sinxenxa nosomabhizinisi abasondelene neqembu ukuba basondele ngoba sifuna ukubeka ebalazweni Uthongathi.”
Abadlali abasayine izinkontileka zesikhashana (zezinyanga eziyisithupha) noThongathi uSiyabonga Nomvethe, Thanduyise Khuboni noSiyanda Zwane kuthiwa basakuthokozela ukuhlala namaCane Cutters.
“Sixoxile nabo ngesikhathi ziphela izinkontileka. Bathe bazoqedela imidlalo esele (eyisithupha), sizobe sesixoxa ngemuva kwalokho-ke ukuthi sisazoqhubeka yini nokusebenzisana,” kusho uChili.
Uthongathi luphekwa uPitso Dladla obesebenzisana noJohnny Ferreira ogcine echithiwe kuleli qembu.
Endaweni yokuqala ku-log ye-GladAfrica kuhleli i-Ajax Cape Town. Ilandelwe yiSwallows FC.
Imidlalo yokuqala ye-GladAfrica Championship:NgeSonto - Ngo-3.30pm: Real Kings v Cape Umoya (Tsakane Stadium); Richards Bay v TS Sporting (Tuks Stadium).
Agasti 11 - Ngo-3.30pm: Jomo Cosmos v TTM (Wits Rugby); Free State Stars v Royal Eagles (Sturrock Park); Uthongathi v JDR (UJ Soweto Campus).
Agasti 12 - Ngo-3.30pm: Ajax Cape Town v Richards Bay (Rand Stadium); Mbombela United v Cape Umoya (UJ Soweto Campus); TS Galaxy v Steenburg (Wits Rugby); University of Pretoria v Real Kings (Jo’burg Stadium); TS Sporting v Swallows FC (Tsakane Stadium).