AmaZulu (1) 2
Royal AM (0) 1
XOLILE MPISANE
AMAZULU FC aphinde awunqoba umbango wabakhaya neRoyal AM, eguqisa leli qembu ngo 2-1 koweBetway Premiership obuseKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoLwesihlanu ebusuku.
Bekungokwesithathu kulandelana Usuthu lunqoba iThwihli Thwahla kwazise ngesizini edlule luyixebule ngo 3-0 koweligi nango 1-0 kwiNedbank Cup.
Amagoli oSuthu ashaywe nguHendrick Ekstein noMlondi Mbanjwa ngokwehlukana kweziwombe, ele-AM lashaywa nguLevy Mashiane kwesesibili.
AmaZulu abebheke ukuvuka kulandela ukwehlulwa yiTS Galaxy ngo 1-0 emdlalweni weligi ngoMgqibelo. IRoyal AM ibigcine idlale ngokulingana ngo 2-2 neKaizer Chiefs lapho yabuya khona isilandela ngemuva ngamagoli amabili.
Yize beliyidliva enkundleni umdlalo uqale ngomfutho omuhle, AmaZulu kuyiwona akhombisa ukufuna igoli ngokushesha.
Unozinti we-AM, uMondli Mpoto, uyena obematasatasa umdlalo usanda kuqala, amashodi abeqhamuka kuRiaan Hanamub, Mbanjwa no-Ighodaro, aphinde alekelelwe nayipali.
Iqembu lika-Arthur Zwane noVusumuzi Vilakazi ligcine lilitholile igoli ngomzuzu ka-37 ngesikhathi uRowan Human ethola u-Ekstein ngakwesokudla, walinamathisela enethini engasekho unozinti emapalini.
Usuthu lunwebe igebe ngasekuqaleni kwesiwombe sesibili ngesikhathi u-Ighodaro entshontsha ibhola ezinyaweni zikaJiyane, waliphakela uMbanjwa, olivalele phakathi ngebatha.
UMpoto uphinde wahlenga iqembu lakhe evimba ibhola likaHuman sebebhekene ngqo ngomzuzu ka-78.
Lokho kuvulele iThwihli Thwahla ithuba lokuthi ihlasele ngokushesha. Unozinti waMaZulu uvimbe umgunsatshani obuthunyelwe nguMfundo Thikazi, kodwa kwaqhamuka uMashiane walivalela enethini.
Womabili amaqembu aqhubekile nokuhlasela kodwa alibanga lisangena elinye igoli, AmaZulu anqoba okwesithathu kwiligi kule sizini.
Lawa maphuzu amathathu akhuphule uSuthu alubeka endaweni ka-11 ngamaphuzu ayisishiyagalolunye emidlalweni eyisishiyagalombili. IThwihli Thwahla isasendaweni ka-13 ngamaphuzu ayisishiyagalombili emidlalweni engu-10.
AmaZulu asezodudulana neMamelodi Sundowns ngoDisemba 24, i-AM ibhekane neTS Galaxy ngoDisemba 29.