KUVELA ukuthi AmaZulu awanankinga yokudedela umdlali wawo omqoka, uRiaan Hanamub, okulokhu kuvela ukuthi ufunwa yizikhondlakhondla zamaqembu aseGauteng.
Iyaqonga imibiko ethi i-Kaizer Chiefs seyingene embangweni wamaqembu afuna lesi siqongqwane saseNamibia esiyibamba emuva ohlangothini lwesinxele.
Kumasizini amabili, kwaqala kwavela i-Orlando Pirates kwafuna lesi sitobha. Uma abezindaba befakana umlomo nosihlalo waMaZulu, uSandile Zungu, ulokhu ekusho njalo ukuthi alikho iqembu elisakhulume nabo ngalo mdlali.
Nokho ngokuthola kweSolezwe, iChiefs seyike yakhuluma naMaZulu. Ngokomthombo, uZungu akanankinga ngokumdedela. Kuthiwa uyena uHanamub ohambe waya kubuholi beqembu wacela ukuhlala.
"Impela iChiefs imfuna uthuli uHanamub, seyike yakhuluma ngisho naMaZulu. Inkinga kubukeka kuwuye uHanamub oziyele ezikhulwini zoSuthu wazitshela ukuthi usafuna ukuhlala. UZungu ubengenankinga yokumdedela," kubeka umthombo.
Isolezwe likhuluma noZungu, ukusho wakugcizelela ukuthi kabayona inhlobo yeqembu elima endleleni yabadlali uma befuna ukuhamba. Uthe nakuHanamub ngesifanayo. Akathandanga ukuphawula ngokuthi ngabe akhona yini amaqembu aseke amthinta ngalo mdlali.
"Asilona iqembu elima endleleni yabadlali, uma eza kithi ethi usefuna ukuhamba, siyamdedela. UHanamub usathanda ukuhlala oSuthwini. Empeleni uze kithina wasitshela ukuthi usafuna ukuhlala nathi. Lokhu kusijabulisile, uwumdlali wethu omqoka," kubeka uZungu.
Ekupheleni kukaJulayi, Usuthu lwethule abadlali abasha abayisithupha elizogijima ngabo kwisizini ka-2024/25.
Phakathi kwabo kukhona ababili olubaboleke kwiMamelodi Sundowns, okungoLuvuyo Phewa odlala esiswini nomgadli u-Etiosa Ighodaro waseBenin. Omunye obolekwe kwiSundowns, uSifiso Ngobeni obanga indawo noHanamub. Isizini yesibili ebolekiwe.
Emasontweni edlule, kuvele ukuthi AmaZulu afuna ukumthenga ngokuphelele. UZungu utshele Isolezwe kuthi ibona abajike umqondo, banquma ukuphinde bamboleke.
"Empeleni iSundowns ibivule izandla ekutheni isidayisele bobathathu laba badlali. Sibone kungumqondo omuhle ukuqhubeka nokubaboleka. Sibone lokho kuzosisebenzela kangcono nangasezimalini," kusho uZungu.
USuthu luzovula iBetway Premiership nePolokwane City ngoSepthemba 14, e-Old Peter Mokaba Stadium.