SITHEMBISO MKHIZE
UDERRICK Spencer owayeyisiqongqwane sesitobha kwiKaizer Chiefs, ucela abalandeli behlise imimoya, banike isikhathi umqeqeshi waleli qembu uStuart Baxter ophikwa yimiphumela selokhu ebuye okwesibili.
Le nkakha edlale kuMaKhosi phakathi kuka-2004 kuya ku-2007, ngaphansi kukaTed Dumitru no-Ernst Middendorp, iyavuma ukuthi ibonwa nayingane encane intukuthelo yabalandeli baleli qembu ngenxa yemiphumela engemihle.
UBaxter, uthe okubuhlungu nokubi ngayo ukuthi iChiefs isadlale imidlalo yeDStv Premiership eyisithupha kuphela neminye embalwa yemiqhudelwano.
Kuleyo midlalo uBaxter nezakhe basanqobe kanye kweyeligi, behlula iBaroka. Badliwe yiRoyal AM ngo-4-1 neMamelodi Sundowns ngo-2-0.
Kodlule baphume ngembobo yenaliti begcina ngokubambana ngo 1-1 naMaZulu FC bethola iphenathi ekugcineni.
"Ngiyazi ukuthi sekuphele inqwaba yamasizini iChiefs yagcina ukuphakamisa inkomishi nokudlala ibhola eligculisayo. Ngiyamethemba uBaxter, uwumqeqeshi ohlakaniphile.
’Ngingomunye okholelwa ekutheni usazokuphinda akwenza kwihlandla lakhe lokuqala ePhefeni, enqoba izicoco. Uma niwumndeni niyesekana esikhathini esinzima. Makanikwe ithuba umqeqeshi, kusesekuseni ukuthi sesingamgxeka ngale ndlela," kubeka uSpencer owadlala nakwiSundowns.
Ngesikhathi kuvela izindaba zokubuya kukaBaxter kwaba nenkulu injabulo kubalandeli beChiefs. Kwihlandla lokuqala phakathi kuka-2012 kuya ku-2015, wasiza leli qembu linqoba isicoco seligi kabili, iNedbank Cup neMTN8.
Ngo-2015 uBaxter ehamba kwaba wukugcina kwenjabulo yezicoco eNaturena.
Ingakaqali ngisho isizini ka-2021/22, kwabanye, isidina kulo mqeqeshi saqala enikwa izintambo emdlalweni wamanqamu eCaf Champions League. Ngemuva kwalo mdlalo okwanqoba kuwo i-Al Ahly ngo-3-0, kwabakhona abathi bekumele kuqhubeke u-Arthur Zwane noDillon Sheppard abebe bambile ngemuva kokuxoshwa kukaGavin Hunt.
Ithemba libuyile ngesikhathi uBaxter enqoba inkomishi yeCarling Black Label.
Ukugxeka kuqale phansi eshaywa yiSundowns kuma-qaurterfinal, eMTN8.
Senyuleke kwelinye izinga isimo iChiefs idlala ngokulingana neGalaxy kowokuqala weligi, ibhaxabulwa iRoyal AM iphinda ihlulwa yiSundowns.
Abalandeli baphinde badinwa ukungadlaliswa kukaNjabulo Ngcobo oklonyeliswa ngendondo yokuba umdlali wasemuva ovelele ngesizini edlule esadlala kwiSwallows.
Ijezi ubelizwa ngendaba phezu kokuba ebizelwa kwiBafana Bafana. Kunalabo abakhala ngokushintshashintsha onozinti kukaBaxter.
NgoMgqibelo, iChiefs izokwamukela iChippa United, koweligi oqala u-5.30 ntambama, eFNB Stadium.
Ngaphambi kwekhefu leFifa, uBaxter utshele abalandeli beChiefs ukuthi sekusele kancane ahlanganise inqanawe yeqembu elizobajabulisa.