SITHEMBISO MKHIZE
ENYE yezinjini ezaba nesandla ekukhuphuleleni iLamontville Golden Arrows okokuqala esigabeni esiphezulu, uLucky “Y2K" Sibeko, icebisa umqeqeshi waleli qembu, uLehlohonolo Seema, ukuthi ashintshe ukwenza uma esafuna ukuhlala kulo msebenzi.
Emasontweni edlule i-Arrows iphoxe abalandeli bayo iwashiswa ijezi kwiLast 32 Nedbank Cup. Ihlulwe yiTshakhuma Tsha Madzivhandila edlala kwiGladAfrica Championship.
Kwenzeka lokhu nje, iye emaholidini kaKhisimusi sekuphele imidlalo emithathu yeDStv Premieship ihluleka ukunqoba.
Ngasekupheleni kukaNovemba nasekuqaleni kukaDisemba kwake kwabuya ithemba ishaya iBaroka neChippa United kulandelana.
Yayikade iqeda ishobolo lemidlalo eyishumi ihluleka ukuqoqa amaphuzu aphelele.
KwiDStv Premieship, i-Arrows ilele isibili emaqenjini asengenelwe amagoli amaningi. Phezulu iTS Galaxy ingenelwe awu-26 bese ezikaSeema neChippa zangenelwe awu-21.
Okunika ithemba ukuthi kwashaye amagoli amaningi zikweyesithathu. Ziholwa yiMamelodi Sundowns ngawu-35, isibili i-Orlando Pirates ngawu-23 bese i-Arrows nomkhaya bayo, iRoyal AM, babe nawu-22.
USibeko, owayengelinye lamasosha kaNgcebo "Malombo" Sibiya anyusela i-Arrows kwiPremiership ngo-2000, utshele Isolezwe ukuthi akuqaphelayo ngoSeema selokhu ethelekile kuBafana Be'sthende udlalisa ibhola lokusaba.
"Ungangizwa kabi, uSeema uyalazi ibhola futhi uhlakaniphile. Engingamcebisa ngakho nje ukuthi akayeke ukudlalisa ibhola lukusaba. Ngimbona ngaso sonke isikhathi ehlale esaba ukuthi bazohlulwa. Abafana bakhe kabasadlali ibhola elimnandi, bahlale bethuka izanya. Akakhulule abafana benze amaphutha bese befunda kuwona. Abafana Bes'thende baziwa ngebhola elimnandi. Akayeke ukugqisha emuva. Okuyinkinga ukuthi nakuba ehlale eqaphile kodwa iqembu lakhe lingelinye kwiDStv Premiership eselingenelwe amagoli amaningi,“ kusho uSibeko.
I-Arrows eqede endaweni yesine kwi-log ngesizini edlule, ihleli endaweni yeshumi ngamaphuzu awu-21 emidlalweni ewu-16.
"Njengoba sengishilo uSeema uhlakaniphile, yikho nje ukuthi kumele ashintshe izinto ezimbalwa. Uma engashintsha ukwenza, angingabazi ukuthi iqembu lakhe lingasonga isizini lisemaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu. Yebo, i-Arrows seyiphumile kwiNedbank, akusasizi ukukhala, akagxile kwiligi manje,“ kusho uSibeko oyiphini lomqeqeshi, uZipho Dlangalala, kwiStone Breakers eyibamba kwiSafa KZN ABC Motsepe League.
Kusasa ngo-7.30 ebusuku Abafana Bes’thende bazovakashela iPirates e-Orlando Stadium, eSoweto. Emlenzeni wokuqala, owawusePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ayikho eyagoba uphondo. EZimnyama zizoya kulo mdlalo zihambela phezulu kulandela ukushaya iJS Saoura yase-Algeria ngo-2-0 kowamaqoqo eCaf Confederation Cup ngempelasonto.