UMQEQESHI weLamontville Golden Arrows, uVusumuzi Vilakazi, usephumele obala ngokuthi ukulungele ukugudluka kulesi sikhundla uma bengazitholi izixazululo ezinkingeni ezikhungethe leli qembu.
I-Arrows ikhale ngaphansi ngo-2-1 kwiRoyal AM emdlalweni wabakhaya weDStv Premiership KwaMashu, ngempelasonto.
UVilakazi oqeqesha ngokubambisana noMabhuti Khenyeza noMusa Bilankulu, uthe uma izinto zingalungi ngeke bakwesabe ukuphakamisa izandla bacele usihlalo uMato Madlala ukuthi azame omunye umqeqeshi.
“Asifuni ukuzicabangela thina kuphela. Angikhulumeli bonke abantu kodwa ngizikhulumela mina ukuthi ngibeka i-Arrows phambili,” kusho uVilakazi.
“Nginesiqiniseko sokuthi sizohlala phansi sicabange ngalesi simo, sibone ukuthi izixazululo zizovela yini. Uma izixazululo zingekho, sizophakamisa izandla sithi ‘mphathi thola umuntu ozosiza iqembu libheke phambili’. Bonke abantu bayazazi izinkinga esibhekene nazo.”
Yehlulwa yiThwihli Thwahla nje, bekusadlule izinsuku ezimbalwa ithelwe ngehlazo lika-4-0 yiTS Galaxy ekuhambeni.
Selokhu kuqale u-2023, Abafana Bes'thende sebengenelwe ngamagoli angu-13 emidlalweni eyisithupha. Bawine emibili, bahlulwa kwemine.
“Iqiniso elimsulwa wukuthi iqembu lethu alikwazi ukuvala emuva. Okudingeka manje wukuthi sithole izixazululo. Kuwumsebenzi wethu singabaqeqeshi ukuthola izixazululo uma kunezinkinga,” kusho uVilakazi.
“Kufanele siqhamuke nazo, sithembe ukuthi kuzolunga. Uma lokhu kungalungi, sizophakamisa izandla kumphathi sithi mhlawumbe akathole omunye umuntu ozosiza. Siyi-Arrows, sicabangela iqembu ngaphambi kwayo yonke into.”
Njengenxenye yemizamo yokuthola izixazululo, uVilakazi usikaze eyokunikwa ithuba abanye abadlali, ikakhulukazi abadlala emuva.
Lokhu kulindeleke uma isibhekene nePretoria Callies emdlalweni we-Last 32 yeNedbank Cup ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
UVilakazi uthe bazonika ithuba nonozinti uSiyabonga Mbatha ongakaze avimbe selokhu ajoyina i-Arrows esuka kuMaZulu ngo-2021.
"Inhloso yethu wukuthi simbone kwiNedbank Cup. Kuyiqiniso ukuthi uSya uneminyaka emibili engadlali. Ngakho ukumfaka emdlalweni njengamanje, kuyingcuphe. Ungamfaka enze kahle, ungamfaka adonse kanzima ngenxa yokungabi qatha ngokwasenkundleni ngoba kade agcina ukudlala,“ kusho uVilakazi.
“Ngiyacabanga kodwa ukuthi yithuba lakhe kwiNedbank lokuthi azibonakalise. Uma edlale kahle uzoyigcina indawo yakhe. Akekho umuntu omelene naye. Sizomnika ithuba lokudlala.”