UNCOME ukuba nesibindi kwabadlali bakhe umqeqeshi we-Argentina, uLionel Sebastián Scaloni, bevikela isicoco seCopa America ngoMsombuluko ekuseni, behlula iColombia ngo 1-0 kowamanqamu odlalelwe eHard Rock Stadium, eFlorida, e-USA.
Lo mdlalo uqalwe sekudlule isikhathi esinganehora kwebesibekiwe ngenxa yezidubedube ezibe ngaphandle, abalandeli ebebengenawo amathikithi befuna ukungena enkundleni ngodli, nokushiye umonakalo.
Igoli lishaywe nguLautaro Martinez esiwombeni sesibili esikhathini esengeziwe, iColombia yangabe isakwazi ukubuya.
Isilomo se-Argentina, uLionel Messi, kuphoqeleke ukuthi sikhishwe ngomzuzu ka-65 kulandela ukulimala eqakaleni. Isililo saso siphenduke injabulo ngesikhathi uMartinez elibeka enethini ibhola sekusele imizuzu emihlanu umdlalo uphele.
"Abadlali bame isikhathi eside belinde imindeni yabo ukuthi ingene ngaphakathi enkundleni. Sigcine singene enkundleni sayodlala bengenaso isiqiniseko sokuthi kwenzekani ngoba bese siwabonile ama-video abekhombisa obekwenzeka ngaphandle," kusho uScaloni ecashunwa yi-AFP.
"Bakhombise isibindi ngokuqhubeka nokudlala. Ngingasho okufanayo nangabadlali beColombia ngoba nabo bebebhekene nenselelo efanayo."
Lo mphumela uchaza ukuthi i-Argentina isinqobe imiqhudelwano emithathu emikhulu ilandelana kwazise yathatha iCopa ngo-2021 neNdebe yoMhlaba ngo-2022.
Lokhu kwagcina ukwenzeka ngesikhathi iSpain inqoba i-Euro ngo-2008 nango-2012 neNdebe yoMhlaba yango-2010.
"Angazi noma ngiqopha umlando ebholeni lase-Argentina yini kodwa iqembu aliyeki ukungimangaza. Liyalwa noma libhekene nobunzima obungakanani," uqhube kanje uScaloni.
"Besibhekene neqembu elisezingeni eliphezulu futhi asidlalanga kahle esiwombeni sokuqala kodwa sikwazile ukubuya kwesesibili. Sikwazile nokufaka umfutho kwi-extra time, sagcina sinqobile.”
Omakadebona be-Argentina, u-Angel Di Maria (36) noNicolas Otamendi (36), bebedlala okokugcina eqenjini lesizwe, uMessi (37) akakacacisi ngekusasa lakhe ne-Albiceleste.