Sithembiso Mkhize
USAYINGXENYE yeMamelodi Sundowns uGaston Sirino, okusabalele amahlebezi athi angasayina noma yinini ne-Al Ahly yase-Egypt, ecijwa umqeqeshi wakhe wakudala uPitso “Jingles” Mosimane.
Lezi zindaba ziqinisekiswe ngomunye wabaqeqeshi beDowns uManqoba “TV” Mngqithi, emva kokubhaxabula iCape Town City ngo-2-0 ngoLwesithathu, eCape Town Stadium.
Inqobe ngamagoli kaLyle Lakay nelikaKeletso Makgalwa.
Ngemuva kombuzo ngesimo somdlali wase-Uruguay, uMngqithi ongayithintanga eyamahLebezi e-Al Ahly , uthe uSirino uzobe ekhona emidlalweni elandelayo yeqembu.
Uveze ukuthi uSirino ubelimele, edonseke imisipha emathangeni. Lokhu kudale ukuthi angadlali amasonto amabili nohhafu.
“Ngemuva kwekhefu leFifa uzobe ekhona emdlalweni olandelayo. Ube nebhadi edonseka imisipha. Yingakho ehlale amasonto amabili nohhafu. Okuhle ukuthi useqalile ukuzilolonga kancane,” kubeka uMngqithi.
Ngenxa yokuthinteka, lesi sibabuli kasidlalanga kowokuvula iligi neKaizer Chiefs nakoweTshakhuma FC. Besikhona bedliwa yiBloemfontein Celtic kwi-qaurter final eMTN 8.
Izindaba zokufunwa kukaSirino yi-Al Ahly zisabalelele yonke indawo. Eminye imibiko ibiveza ukuthi amaqembu asevumelene ngemali, sekulele kumdlali ukuthi akhethe.Kuthiwa leli qembu laqala ukumfuna engakafiki uMosimane.
Mayelana nomdlalo neCape Town City, uMngqithi ukujabulele ukuwina, wakhala ngokulahla amathuba.
“Kuyajabulisa ukuthi kulezi zinsuku sakha inqwaba yamathuba kodwa kuzosibulala ukungawasebenzisi. Ngikholelwa ekutheni kusukela koweChiefs nakoweCape Town City bekumele sinqobe ngamagoli angaphezu kwamahlanu. Besilahla ibhola nokusiqhathe nezitha.Nokho ngiyajabula ukuthi sinqobile, iCape Town City ihlale isithwalisa nzima. Uma ngingenzi iphutha enkundleni yayo sagcina ukunqoba ngo-2018. Inabadlali abahlakaniphile abafana noBradley Rhalani, ngesingami ongakutholi ukuhlonishwa okumfanele,” kuqhuba lo mqeqeshi.
UMngqithi obize ozokwabo uRhulani Mokwena noSteve Komphela ngeziteketiso sikaShadrack no-Abednego ngesikhathi ebancoma, uveze ukuthi basalindele lukhulu kuThemba “Mshishi” Zwane oyinjini yeqembu.
“Kusukela umdlalweni weChiefs kuze kube yimanje uZwane usiza phambili nasekumakeni esiswini. Lokhu usakwenze ngempumelelo. Siyamazi ukuthi unekhono elingakanani, sisalindele lukhulu kuye ngokuqhubeka kwemidlalo. Akwenzayo sikulindele nakuSirino noHaashim Domingo abadlala indawo efanayo,” kusho uMngqithi.