UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, akafuni ukunconywa yedwa ngokuvuka kwaleli qembu aliwinise izindebe ezimbili ngesizini ka-2022/2023.
URiveiro ufike kweZimnyama ekuqaleni kwesizini engaziwa ebholeni laseMzansi. Baningi abebelungabaza ulwazi lwakhe lwebhola kwazise akukho okutheni akuzuze emaqenjini asuka kuwona. Abalandeli bebembiza ngo-plumber ezinkundleni zokuxhumana. Leli gama lisetshenziwa kumqeqeshi ongawazi umsebenzi wakhe.
Nokho sekushintshe konke lokho njengoba esewinise iPirates indebe yeMTN8 neyeNedbank Cup ngesizini yakhe yokuqala kwiDStv Premiership. Ngaphezu kwalokho ufake eZimnyama emqhudelwaneni iCaf Champions League. Ngendlela abalandeli bePirates asebewuthakasela ngayo umsebenzi kaRiveiro, kukhona ababona ukuthi bekufanele awine umklomelo womqeqeshi ovelele, iPSL Coach of The Season, ogcine udliwe nguRhulani Mokoena owine iligi neMamelodi Sundowns.
"Ningenza umuntu obaluleke kakhulu. Ngicabanga ukuthi sikwenze sonke. Sineqembu elihle, sinezinsiza kusebenza. Manje ngizoduma kakhulu emigwaqeni ezinyangeni ezingu-10 noma ezingu-11 ngilapha. Kodwa siyiqembu. Ngiyohlala ngikugcizelela lokho ngoba kuzosisiza sifinyelele lapho esifuna ukufika khona. Ngiyabonga kubadlali nethimba labaqeqeshi. Siqede imidlalo engu-39, saziqeqesha kawu-223. Ngakho akwenzekanga ngephutha futhi akwenziwanga yimina. Yingoba sizinikele, yingoba senza ngakho konke okusemandleni. Sinazo izinsuku ezinhle, sinazo nezimbi kodwa siyalwa futhi sifuna ukwenza okungaphezulu," kusho uRiveiro.
Nakuba abalandeli bePirates bephuphuma yinjabulo ngenxa yemisebenzi kaRiveiro kodwa yena akaneme ngesibalo sabahambela imidlalo yeqembu uma idlalela ekhaya, e-Orlando Stadium.
"Ngisamangala namanje ukuthi kungani ingagcwali i-Orlando Stadium njengoba kwenzeka kwesinye isikhathi uma sidlala ekuhambeni. Mhlawumbe sidinga ukudlala ibhola elingcono ukuze sizoheha abanye abantu bezosibuka. Nginethemba lokuthi ngesizini ezayo bazosethemba uma sidlalela e-Orlando. Imidlalo yasekuhambeni kwesinye isikhathi iba ngekhethekile. Ngaso sonke isikhathi uma sidlala eThekwini, ePort Elizabeth, ePolokwane, eLimpopo nalapha (Loftus Versfeld Stadium). Kumnandi ukudlala uma kunjalo. Abalandeli bayasisiza kakhulu kunoma yimuphi umdlalo. Benza kube nzima eqenjini esisuke sibhekene nalo," kusho uRiviero.
Ngesizini ezayo iPirates ihlalelwe wumsebenzi wokuqhubeka nokuqoqa izindebe nokumisa kabi iSundowns embangweni wesicoco seligi. Izodlala koweligi, iChampions League, MTN8, Nedbank Cup neCarling Knockout Cup.