I-TS Galaxy ingakwazi ukuhamba ibanga kwiNedbank Cup ize ifinyelele kowamanqamu iwudle umhlanganiso kulo mqhudelwano, inqobo uma abadlali bezokhipha wonke amangwevu.
Usho kanje umqeqeshi weTS Galaxy, uSead Ramovic, ekhuluma nabezindaba njengoba leli qembu liyobhekana neChippa United emdlalweni wama-quarterfinal eNedbank Cup ozodlalelwa eMbombela Stadium, eNelspruit, ngeSonto ngo-3 ntambama.
IGalaxy iza kulo mdlalo nje ivutha ingabaselwe emidlalweni yeligi njengoba isinqobe imidlalo emithathu ilandelana, nosekuyibeke endaweni yesihlanu kwi-log yeDStv Premiership.
“Siyazi ukuthi siyobhekana nomdlalo onzima kwiChippa, emidlalweni eyisishiyagalolunye eshaye amagoli angu-13 futhi ekwaziyo ukugcina ibhola isikhathi eside, okukhomba ukuthi iyiqembu okungelula ukubhekana nalo.
Kodwa sidlalela ekhaya futhi siyawazi amandla ethu lapho engakhona. Sizimisele ngokuqhubeka nomgqigqo wethu wokuwina imidlalo, ngakho nginethemba lokuthi sizokwazi ukwedlulela esigabeni esilandelayo,” kusho uRamovic.
“Senze okusemandleni ukulungisa amaphutha ethu, njengoba emidlalweni engu-10 esiyidlalile sihlulwe kowodwa.
Ngalokho ngincoma abadlali bami, hhayi mina, ngomsebenzi omuhle abawenzayo enkundleni. Ngoba leyo yinto engihlale ngibatshela yona kusukela ngosuku lwami lokuqala ngifika eqenjini, ukuthi uma sihlulwa emidlalweni kusuke kungenxa yami, kanti uma siwina kungenxa yabo (abadlali).
Ngikubeka emahlombe ami ukuthi abadlali bami babe sesimeni esikahle somqondo ngaphambi komdlalo, ngibatshele nasenkundleni uma kufanele bahlasele, bakhahlelele ipali noma bajike kuphela uma kunesidingo sokwenza lokho.
Sinabadlali abakwaziyo ukwenza umsebenzi enkundleni, kwala noma abanye behamba bethathwa ngamanye amaqembu amakhulu kodwa siyaqhubeka nokuba neqembu elidlala kahle.
Ngiyakufaka emiqondweni yabadlali bami ukuthi kufanele balwele ukunqoba, okuyingakho inhloso yethu kuwukuqeda kwiTop 8 kule sizini, nephupho lethu kuwukunqoba isicoco (seNedbank), futhi siyazi ukuthi singakwenza lokho uma nje abadlali bengakhipha wonke amangwevu kusukela ngoMsombuluko kuze kube nguLwesihlanu ejimini, bese umsebenzi bewuqedela enkundleni.”
Lo mqeqeshi usho kanjena nje, iThe Rockets seyake yasinqoba lesi sicoco seNedbank Cup ngo-2019, iguqisa iKaizer Chiefs ngo 1-0 kowamanqamu.