UMQEQESHI wabagadli eqenjini lase-England, iManchester United, uBenni McCarthy, uqophe umlando.
UBenni McCarthy (45) odabuka eNingizimu Afrika, uqophe umlando enqoba isicoco iCarabao Cup ne “Red Devils” , ngesizini yakhe yokuqala esethimbeni labaqeqeshi kuleli qembu elidlala kwi-English Premiership.
I-United iqede ishobolo leminyaka emihlanu ingayazi indebe. UMcCarthy unomlando wokuba umdlali wokuqala waseNingizimu Afrika ukunqoba isicoco esihlonishwa kunazo zonke e-Europe, i-Uefa Champions League.
Usephinde waqopha umlando ngokuba ngowokuqala waseNingizimu Afrika ukunqoba isicoco neRed Devils eyingxenye yethimba labaqeqeshi.
Leli qembu liholwa yinhloko yabaqeqeshi u-Erik ten Hag odabuka e-Netherlands, ofike ekuqaleni kwale sizini. Ethimbeni lakhe labaqeqeshi ube eseqasha noMcCarthy ukuthi azoba umqeqeshi wabagadli.
I-United eyayigcine ukunqoba isicoco ngo-2017, ihlule iNewcastle United kowamanqamu eCarabao Cup ngo-2-0, eWembley Stadium ngeSonto ntambama.
Omunye wabagadli abaphekwa uMcCarthy ongalibheki ipali, uMarcus Rashford, nguye oshaye igoli lesibili kulo mdlalo. Elokuqala livalelwe phakathi nguCarlos Casemiro.
UMcCarthy uhalaliselwe ngomunye wabaqeqeshi bakuleli, uGavin Hunt, opheka iSuperSport United.
“Lokhu kuyigugu @bennimac17. Halala ndodana,” kubhala uHunt ekhasini lakhe kwi-Instagram.