I-CAPE Town City ingaba yiqembu elikahle ukuthi iRichards Bay FC ilisebenzise ukuqhamuka nezimpendulo ngokugqoza kwamagoli ngoba yona ayigqishi emuva njengamaqembu amathathu adlule adlale neNatal Rich Boys kwiDStv Premiership.
Lokhu kushiwo omunye wabaqeqeshi beBay, uPitso Dladla, ngemuva kokuhlulwa yithuba lokuqhwakela kwi-log bebambana ngo-0-0 neMaritzburg United ngoMgqibelo, eMlaza.
AmaCitizens azovakashela iBay koweligi kusasa ngo-7.30 ebusuku khona eKing Zwelithini Stadium. UDladla uyavuma ukuthi yize beyiqale kahle isizini kodwa abenelisekile ngesibalo samagoli.
INatal Rich Boyz isendaweni yesibili kwi-log lapho ibambene khona neMamelodi Sundowns ngamaphuzu angu-19, isashaye amagoli ayisikhombisa kuphela emidlalweni yeligi engu-11.
NgokukaDladla okhuphulele leli qembu esigabeni esikhulu ngokudla isicoco seMotsepe Foundation Championship ngesizini edlule, bekunzima ukubhobosa udonga lwe-Orlando Pirates, AmaZulu FC neMaritzburg ngoba ngokusho kwakhe womathathu la maqembu adlala ngezitobha eziyisikhombisa.
“Sesiwenze sawuqeda umsebenzi wobunhloli ngokufanele sikulindele kwiCape Town City ngakho-ke, siya kulo mdlalo ngeqholo lokuthi umpompi wamagoli ungavuleka ngoba (iCity) iyadlala, hhayi ukugqisha emuva njengoba kwenze amaqembu amathathu adlule esidlale nawo,” kusho uDladla kwabezindaba.
“La maqembu amathathu adlule esidlale nawo, adlala ngezitobha ezintathu bese kuba abadlali basemuva basezimpondweni.
“Uma sekumakwa, la maqembu avala ngabadlali abayisikhombisa uma uzohlanganisa nalaba ababili abangasuki maphakathi nesisu.
“Siyazi ukuthi iCape Town City iwubale njengewini lo mdlalo ngesikhathi kukhishwa uhla lwemidlalo yesizini kodwa siyajabula ukuthi sizoke sithole ithuba lokudlala neqembu elingagqishi okungavula nompompi wethu wamagoli ngoba komisile,” kuqhuba uDladla sakubalisa.
Yize engene ngamagoli, uDladla, ukholelwa ekutheni konke kuhamba kahle futhi basesemgqeni ngokwesifiso sabo esikhulu, okuwukuqoqa amaphuzu amaningi kusemanje.
“Sizoqhubeka nokuzama ukuqoqa amaphuzu amaningi kusakhanya ngoba esiwombeni sesibili sesizini, amaqembu azobe esazi ukuthi adlalelani. Sibasha kule ligi ngakho-ke akufanele sibuswe imiphumela emihle bese sikhohlwa izinhlelo zethu.
“Ngiyazi ukuthi abaningi banake indawo esihleli kuyona kwi-log okwamanje kodwa kithina indaba enkulu isekuphonseni emgodleni wamaphuzu ngaso sonke isikhathi esisitholayo ngoba izikhathi ezinzima ziyeza,” kusho uDladla.