UNEZIMPAWU zokushiswa yisihlalo ngenxa yokugqoza kwemiphumela kwiDStv Premiership kodwa uSead Ramovic, ocija iTS Galaxy, akangabazi ukuthi iqembu lakhe lizobe lisempini yokuqeda likwiTop 8 ekupheleni kwesizini ka-2022/2023.
URamovic ukusho lokhu emuva kokuhlulwa yiMamelodi Sundowns ngo 2-1 wamagoli kaRushine De Reuck noPeter Shalulile nelokubika okube yiphenathi kaJunior Traore.
Kuyiwe emdlalweni izwe lonke limincele ukuthi iGalaxy iphinde ekwenze ngesigamu sokuqala, inqoba ngo 1-0 kwiSundowns.
Lo mdlalo ubalwa kwemithathu kuphela esanqotshwe yiGalaxy emidlalweni engu-18 yeligi kule sizini.
Ngeke-ke singamshisi isihlalo umqeqeshi osenemidlalo emihlanu ilandelana enganqobi.
Kodwa yena ukhuluma okuhlukile.
“Sishaywe yiqembu okunzima ukudlala nalo ngoba linakho konke okudingekayo kunobhutshuzwayo, uma ufuna impumelelo,” kusho uRamovic waseGermany.
“ISundowns inabadlali bohlobo oluphambili, okuthi uma uluhlanganisa namaqhinga asemakhanda abaqeqeshi bayo, kuba nzima ukungaboni ukuthi kungani ingabambeki.”
URamovic, obekhiphe iqembu lakhe laya enkanjini yaseTurkey ngoNovemba/Disemba, akangabazi ukuthi isimo eqenjini lakhe sizoshintsha.
“Sizoqala sivune izithelo zokudlala ibhola elincomekayo ngokunqoba imidlalo maduze nje. Angikungabazi lokho ngoba ngiyabona lapho siya khona,” kusho uRamovic.
“Kuzohlangana ngokushesha futhi kuyothi kuphela isizini sobe sesilwela okungenani ukuqeda sikwiTop 8.”
IGalaxy igcine ukunqoba kwiMaritzburg United ngo 2-1 ngoDisemba 30, okulandelwe wukudlala ngokulingana kwemine ngaphandle kokushaya igoli.
NgoLwesibili ibe yiqembu lika-13 ukuthola uswazi kwiSundowns.
Emuva komdlalo weSwallows FC ophele ngo 0-0 muva nje, uRamovic ukhombise izimpawu zokuhluthuka esithangamini nabezindaba ebuzwa ngekusasa lakhe njengoba imiphumela imphika.