Orlando Pirates (2) 2
AmaZulu FC (0) 1
I-Orlando Pirates iqhubeke nomgqigqo wayo wokuqoqa amaphuzu inqoba umdlalo wesihlanu weBetway Premiership kulandelana iguqisa AmaZulu FC e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoLwesihlanu ebusuku.
Amagoli enqobe ngawo iPirates kulo mdlalo, avalelelwe phakathi nguMohau Nkota womabili ngesiwombe sokuqala.
ElaMaZulu lokubika ekhaya lishaywe nguHendrick Ekstein ngesiwombe sesibili, sekusele amanenjana kuphele umdlalo.
UNkota okuyisizini yakhe yokuqala ekhushulelwe esikimini esikhulu sePirates, ukhombise izimpawu zokuba ngumdlali osazothwesa ubunzima amaqembu amaningi kwesokunxele seZimnyama.
Igoli lokuqala likaNkota lingene ngomzuzu ka-30 eshaya udalimede weshodi kungalindele muntu engaphandle kwebhokisi, walizwa ngendaba unozinti waMaZulu, uRichard Ofori. Kusabatshazwa lokho, uNkota uphinde wabuya ngomzuzu ka-36 ebhakuzisa elesibili ngemuva kokubekelwa ibhola nguRelebohile Mofokeng.
Okucacile kulo mdlalo wubuthaka odongeni lwasemuva, olwehlulekile ukumelana nokushesha kwabadlali baphambili bePirates. Amaphutha amaningi abegcine ephelela ezandleni zika-Ofori ovimbe inqwaba yamabhola amabi abengaholela ekutheni iPirates inqobe ngembudlu yamagoli ikakhulukazi esiwombeni sesibili.
Ngemizuzu yokugcina, u-Ekstein obesuka ebhentshini, ushayele Usuthu igoli lokubika ekhaya ngomzuzu ka-93 wesikhathi esengezwe ngunompempe. Ukhombise ubunyoninco, isipiliyoni nokuvuthwa ejika amadoda maqede walibhajiswa ezintanjeni.
Okuqaphelekile wukuthi izinguquko ezenziwe yibhentshi laMaZulu ngesiwombe sesibili, kungena u-Ekstein, uMlondi Mbanjwa noJunior Dion, kwenze umehluko kuleli qembu endleleni ebeselikhombisa ukuhlasela ngayo.
Ukunqoba kweZimnyama kulo mdlalo kusho ukuqhwakela kwi-log yePremiership ngemuva kokunqoba imidlalo emihlanu ilandelana, kanti ngakolunye uhlangothi kusemnyama Osuthwini olungakatholi nelilodwa iphuzu emdlalweni emine olusayidlalile.