Ukulungiselela isizini ka-2024/25 nabaqeqeshi abasha ekhempini ebanjelwe phesheya eTurkiye kumnika umfutho wokusiza iqembu liqede isomiso seminyaka kwiKaizer Chiefs umdlali wasesiswini uNkosingiphile Ngcobo.
Amakhosi azobuya ngonyawo olusha kule sizini ezoqala kulandela ukuqashwa komqeqeshi omusha, uNasreddine Nabi, ofike nethimba elisha eliphelele.
Leli qembu lilibangise eTurkiye ngoJulayi 5, ngemuva kokuhlala amasonto amabili lizilolonga eGoli, kade libuye amaholidini.
UNgcobo uthe konke kusahamba ngohlelo futhi kuyamthokozisa nokubona abadlali abasebancane beyingxenye yalolu hambo, njengomunye wabadlali abaqhamuka kwinkulisa yeqembu.
“Ngicabanga ukuthi yileyo inhloso yekhempu, ukuthi sifunde izinto ezintsha. Abaqeqeshi basifundisa amaqhinga amasha futhi sithola umfutho omuhle kubona. Kuyacaca ukuthi banathi futhi bayasigqugquzela ngaso sonke isikhathi uma sizilolonga,” kusho uNgcobo exoxa neSuperSport.
“Sisesimweni esihle ngokomqondo futhi buyathuthuka nobudlelwano esinabo nozakwethu. Wonke umuntu ujabulile ukuba lapha. Le khempu ibaluleke kakhulu futhi izosisiza ukuthi siye phambili.
“Abadlali abasebancane abayingxenye yalolu hambo bazimisele kakhulu futhi basebenza kanzima. Bafuna ukuzibonakalisa nokwenza izinto ngendlela efanele. Kuyangithokozisa ukubabona belapha. Kuningi okuhlukile abakulethayo okuzosiza iqembu.”
UNgcobo (24) udlale okokuqala eqenjini elikhulu leChiefs ngo-2019, kanti manje usethathwa njengomunye wabadlali abanamava kuyona. Ubona kusemqoka ukuthi akhuphule izinga kule sizini ukuze iqembu liqede ishobolo lokudlala amasizini ayisishiyagalolunye linganqobi sicoco.
Ngesizini edlule izinto zibhede kakhulu kuMakhosi eqeda endaweni yeshumi kwi-log yeDStv Premiership.
“Okunginika amandla okuqhubekela phambili ukubheka emuva lapho ngaqala khona ngibone ukuthi sengihambe ibanga elingakanani. Kuningi esengikuzamile kodwa ngikholwa wukuthi ngisengakwazi ukuzuza okuningi. Kudingeka ukuthi ngiqhubeke nokuzikhandla, ngikhuphule izinga,” uqhube kanje.
“Isifiso sami esikhulu kule sizini wukusiza iqembu ngakho konke okusemandleni ami ukuthi linqobe izicoco, lithole amaphuzu amaningi futhi liwine imidlalo eminingi. Ngicabanga ukuthi sekuyisikhathi sokuthi ngikhombise ukuthi yini engingakwazi ukuyenza. Kufanele ngisebenze kanzima ukuze kube khona esikutholayo kule sizini.”
Nakuba Amakhosi engadalulanga ukuthi abhekane namaphi amaqembu emidlalweni emibili yokungcweka aseliyidlalile phesheya, nokuthi imiphumela ehamba kanjani, aseveze ukuthi azodlala owesithathu neqembu laseQatar, i-Al Shahaniya SC, e-Istanbul kusasa. NgoJulayi 28, azodlala neYoung Africans yaseTanzania kwiToyota Cup, eBloemfontein Stadium eFree State, ngo-3 ntambama.