UMQEQESHI weKaizer Chiefs, u-Arthur Zwane, akafuni abadlali bakhe bagxile ekushayeni i-Orlando Pirates kuphela, bese bezithela ngabandayo uma bedlala namanye amaqembu akwiDStv Premiership.
IChiefs yehlule iPirates ngo-1-0 emdlalweni wabakhaya baseSoweto, wePremiership ngempelasonto. Igoli okunqobe ngalo iChiefs kube wumkhonto ogwaze ekhaya wesitobha seZimnyama, u-Olisa Ndah, esiwombeni sesibili.
Bekungokwesihlanu kulandelana Amakhosi evuthela isibhaxu kweZimnyama. Kulokhu bekunethemba lokuthi iPirates izophendula amatafula kwazise kuyiwe kulo mdlalo isefomini engcono kuneyeChiefs. Ukuwina kweChiefs kusho ukuthi iwole amaphuzu ayisithupha kwiPirates kule sizini kwazise iyinqobe ngomphumela ofanayo emzuliswaneni wokuqala weligi. Lokhu kungenzeka kuthambise izinhliziyo kubalandeli beChiefs abangasamdingi uZwane.
"Kubalandeli bethu kuhlala kuzobajabulisa (ukuwina kwiPirates). Sihlala sifuna ukubabona bejabule. Kodwa amaphuzu ayisithupha nje kuphela kithina. Angifuni ukuthi abadlali bagxile kuphela ekushayeni i-Orlando Pirates. Sifuna ukwehlula wonke amaqembu esibhekana nawo ngoba iligi iwumjaho, ayikhona ngokuhamba phambili kwiPirates. Kodwa kubalulekile kithina siyiqembu. Ngokwazi umlando, njalo uma sidlala nePirates kufanele siyehlule,“ kusho uZwane.
IChiefs isendaweni yesihlanu kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-31 emuva kwemidlalo engu-21. Isemshungwini wamaqembu alwela ukuqeda endaweni yesibili okukhona kuwona iSuperSport United, Richards Bay nePirates ebambe indawo yesithathu ngamaphuzu alinganayo.
Iqembu elizoqeda endaweni yesibili lizojoyina iMamelodi Sundowns kwiCaf Champions League ngesizini ezayo. ISundowns, evule igebe lamaphuzu angu-19 esicongweni se-log, akubukeki kukhona iqembu elisengayiphazamisa.
UZwane uthe uyafisa babuyele kwiChampions League abagcine ukuyidlala ngo-2021 befinyelela kowamanqamu.
"Sidlalela ukuwina yonke imidlalo nakuba imiphumela esiyitholayo ingeyona into eyodwa. Kodwa Sidlalela ukuyiwina yonke futhi singathanda ukuya khona (kwiChampions League) ngoba sengike ngabuzwa ubumnandi bokuba kwiChampions League. Yilapho esizokhula khona siyiqembu nabadlali bethu ngokudlala umqhudelwano onzima njengeChampions League. Ngakho kungaba kuhle kithina, kubalandeli naseqenjini. Ngokomlando waleli qembu, kufanele lidlale kulelo zinga minyaka yonke," kusho uZwane.
IChiefs izobuyela enkundleni koweligi isiyogadulisana neRichards Bay eKing Zwelithini Stadium, eMlazi, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.
Imiphumela yeDStv Premiership yangempelasonto: AmaZulu 1-1 Royal; Sekhukhune 0-1 Cape Town City; Richards Bay 1-2 Stellenbosch; Kaizer Chiefs 1-0 Orlando Pirates; SuperSport; SuperSport United 2-0 Maritzburg United; Chippa United - Swallows.