INHLONIPHO anayo ngabadlali abafice kwiKaizer Chiefs ivimba umqeqeshi uNasredine Nabi ukuba avulele izembe eNaturena ngoba kusobala ukuthi Amakhosi adinga ukungena agamaxe emakethe uma efuna ukufinyelela kuleli zinga aphupha ngalo.
Lokhu kushiwo uyena uNabi kwabezindaba ngemuva kokwehlulwa yiCape Town City ngo1-0 emdlalweni weBetway Premiership ngempelasonto edlule. Bekungokwesine Amakhosi ehlulwa kule sizini kwiligi.
Njengenjwayelo uNabi akazange aliyeke ithuba lokhumbuza abaphathi beChiefs ngobumqoka bokuqinisa isikwati njengoba kuvuleke iwindi lokuhwebelana ngabadlali.
Lo mqeqeshi ubuziwe esithangamini nabezindaba ukuthi iChiefs izoba matasa kangakanani emakethe yabadlali njengoba iwindi lizovulwa kuze kube ngasekupheleni kwephezulu.
“Ingane kuphela engaboni ukuthi iChiefs kufanele ingene igxile emakethe yabadlali kodwa futhi akulula ukulaxaza laba badlali esibafice kuyona ngenxa yenhlonipho esinayo ngabo,” kusho uNabi.
“Siyazama njengawo wonke amaqembu ukuqinisa isikwati kodwa iwindi langoJanuwari alijwayele ukuvuleka ngendlela abaqeqeshi abasuke befisa ngayo.
“Imiphumela yethu yakamuva ikubeka kucace ukuthi siyadinga ukungena emakethe futhi nabaphathi beqembu bakwazi kamhlophe lokhu.
“Inkinga wukuthi nalaba badlali esinabo akulula ukuvele sibalahle ezaleni ngoba sibafice kwiChiefs futhi kufanele ukuthi sibahloniphe.
“Kusemqoka ukukucacisa kubalandeli beChiefs ukuthi abaphathi bazama ngakho konke okusemandleni abo ukusitholela abadlali esibafunayo kodwa akulula njengoba kunguJanuwari,” kusho uNabi sakubalisa.
Nakulokhu lo mqeqeshi waseTunisia ubalise ngamathuba ayekwe ngabadlali bakhe.
“Umdlalo obekungafanele sishaywe kuwona lona ngoba besiwuphethe kepha sabanjwa ngejubane. Ukube iChiefs iwasebenzise ngendlela amathuba ewakhile ngabe sikhuluma okunye. Ngiyezwa kunabagxeka izitobha ngokungena kwegoli esishaywe ngalo kodwa lokhu kuyiphutha ngoba (leli goli) lingena nje, yithina ebesihlasela salahlekelwa ibhola kungafanele sagcina sishaywe kanjalo,” kusho uNabi.
Akukho ukuphumula kuleli qembu elilele endaweni yesikhombisa kwi-log kwazise kusasa ngo-7.30 ebusuku eFNB Stadium, eNasrec, lizokwamukela elinye laseKapa elihlale lilithwalisa kanzima, iStellenbosch FC.