ABALANDELI beKaizer Chiefs bakhalinywe umqeqeshi wezabo, uNasreddine Nabi, ukuba bangajabuli kuze kweqe ngoba iwini yabo ka 4-0 kwiSuperSport United kayisho ukuthi sebesidlile isicoco seCarling Knockout.
Amakhosi abhubhudle iSuperSport ngamagoli kaGaston Sirino, Yusuf Maart, Ranga Chivaviro no-Ashley Du Preez, ngoMgqibelo, ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
Abalandeli beChiefs bebewubheke ngabomvu lo mdlalo kwazise bekungowokuqala kaNabi kumkhumulajezi kwazise ulandelwe ukuzoqeda indlala yezinkomishi esibheke eminyakeni engu-10 iququda leli qembu.
Nakuba benqobe ngembudlu, uNabi usale engenelisekile ngokugcwele ngendlela iqembu lakhe elidlale ngayo.
“Umfutho omkhulu bewusukela engxoxweni esibenayo nabadlali ngobumqoka bokuwinela usihlalo, uKaizer (Motaung Snr), kwazise bekuwusuku lwakhe lokuzalwa maphakathi nesonto,” kusho uNabi esithangamini nabezindaba.
“Okuhle ngomdlalo wezinkomishi ukuthi akusho lutho ukuthi uwudlale kanjani kepha okumqoka ukuthi uwuwinile yini?
“Kuyasijabulisa lokhu kodwa, hhayi ngokugcwele ngoba umphumela muhle impela kodwa kunezikhathi lapho besingaphoxeka khona. Unozinti wethu, uFiacre (Ntwari), usilamulele amahlandla amaningi.
“Lokhu kuyizinkomba zokuthi sisekude kangakanani nalapho sifisa ukufinyelela khona. Kusemqoka ukujabulela ukudlulela phambili emqhudelwaneni kodwa lokhu akusho ukuthi iChiefs isifinyelele esicongweni.
“Kusekude phambili! Lesi isiqalo okufanele sikuthokozele nokuthi sihamba kahle ngoba indlela isazoba mazombezombe.
“Kulapho kufanele thina nabalandeli sihlangane khona kakhulu-ke. Okwamanje kusekuhle kodwa isipiliyoni enginaso singitshela ukuthi kusazofika izikhathi ezinzima okuyinto okufanele uyilindele uma uliqala phansi iqembu njengoba senza,” kusho uNabi sakuxwayisa.
UNabi uphinde wathembisa lukhulu ngoSirino amchaze njengomdlali ozoba ithuluzi elimqoka leChiefs lempumelelo.
“Sisheshe samkhipha ngoba engekho fithi ngokugcwele uSirino,” kuqhuba uNabi.
“Kusobala ukuthi uzoba omumye wabadlali abamqoka kwiChiefs kule sizini uma esibeka kuleli zinga asibeke kulona engekho fithi ngokugcwele.
“Ngaphandle kwasenzela khona enkundleni, ngaphandle kwayo uwusizo olukhulu kubadlali abasebancane ngokweminyaka.
“IChiefs inekusasa eliqhakazile, koSamkelo (Zwane), Mfundo (Vilakazi), Mduzuzi (Shabalala) noWandile (Duba), kodwa uma benoSirino eduze kwabo, Amakhosi azodla kahle ngesikhathi esizayo,” kusho uNabi.