UKUKHISHWA komqeqeshi weKaizer Chiefs, uNasreddine Nabi, ngekhadi elibomvu emdlalweni wakamuva weBetway Premiership neLamontville Golden Arrows kumbeke engcupheni yokuthi angakwazi ukuhlala ebhentshini uma leli qembu selibhekene nezimbangi zalo ezinkulu, i-Orlando Pirates.
Lo mqeqeshi odabuka eTunisia, uthole ikhadi elibomvu ekupheleni komdlalo ngesikhathi benqotshwa Abafana Bes’thende ngo 1-0 emdlalweni weligi obuseMoses Mabhida Stadium ngeSonto, ngenxa yamazwi alumelayo awabhekise kunompempe, y-Olani Kwinda, ekhononda ngesikhathi esincane esengeziwe.
Lokhu kusho ukuthi uNabi ngeke ahlale ebhentshi leChiefs emidlalweni emibili. Umdlalo olandelayo weligi bazowudlala neSekhukhune United eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo. Emuva kwalokho, izobhekana ne-Orlando Pirates ngoFebhuwari 1.
Nokho, kungenzeka isigwebo sakhe asiqede ungakafiki owePirates uma bezodlala kuqala owe-Last 32 yeNedbank Cup lapho beqhathwe khona neFree Agents FC. IPremier Soccer League (PSL) ayikaziqinisekisi izinsuku okuzodlalwa ngazo le midlalo yomkhumulajezi kodwa kubhekwe ukuthi idlalwe ngempelasonto kaJanuwari 25.
Umqeqeshi wezikaMagebhula, uJose Riveiro, yena kuzodingeka ukuthi acophelele emidlalweni elandelayo ukuze angazifaki enkingeni yokuwubuka ngaphandle owabakhaya njengoba esenamakhadi aphuzi amathathu. Lokhu kusho ukuthi uma engathola elinye ikhadi eliphuzi, uzohlala ngaphandle komunye wemidlalo.
IPirates isazobhekana neRoyal AM kolandelayo weligi kanti kubhekwe ukuthi idlale oweNedbank Cup neRichards Bay ngaphambi kokuthi itholane phezulu neChiefs.
IChiefs nePirates bazobe beqala ukubhekana kule sizini, okusho ukuthi kuzoba yithuba lokuqala likaNabi lokuzakhela ugazi kubalandeli beqembu lakhe ngokulinqobela izitha zalo ezindala.
Ngesizini edlule, iPirates yazitamuzela amaphuzu kwiChiefs, iyinqoba ngo 1-0 nango 3-2 kweyeligi.
Ngesikhathi ecija i-AS FAR eMorocco, ngesizini edlule, uNabi walahla amaphuzu emidlalweni emibili neRaja Casablanca emikhulu, edlala ngokulingana ngo 2-2 nango 1-1 neRaja Casablanca, wanqoba iWyad Athletic ngo 3-1 no 1-0.
Nangesikhathi eqeqesha iYoung Africans eTanzania, wadlala ngokulingana kathathu neSimba, wanqotshwa kanye. Nokho, kule minyaka wasinqoba kabili isicoco seTanzanian Premier League, wadlala ezimbili ze-Azam Sports Federation Cup.
Amakhosi asendaweni yesithupha kwi-log ngamaphuzu angu-18 emidlalweni engu-13. Ezimnyama zisendaweni yesibili ngamaphuzu angu-27 emidlalweni engu-11.
Njengoba iChiefs isahluleka ukubamba umgqigqo kwiligi, ukunqoba iPirates kungayehlisa ingcindezi kuNabi naseqenjini lonke.