I-Hollywood Athletics Club eqhubekayo nokudlondlobala ekuheheni abagijimi bezinga eliphezulu eNingizimu Afrika, ibambe omunye ufishi omkhulu ngokusayinisa isihlabani somgijimi wesifazane osenqobe imijaho eminingi waphula namarekhodi, uGerda Steyn.
USteyn (34) wethulwe ngokusemthethweni yilekilabu ngoLwesithathu, eHollywoodbets Greyville Racecourse, eThekwini.
Le nsephe yomgijimi edabuka eBothaville, eFree State, esinqobe iComrades amahlandla amathathu neTotalsports Two Oceans Marathon amahlandla amahlanu, ijoyine iHollywood AC isuka kwiPhantane Athletics Club kaMdu Khumalo eyayijoyina ngoMashi ka-2023.
Ekhuluma nabezindaba kulo mcimbi wokwethulwa kwakhe, uSteyn uzwakalise ukukuthakasela ukuba yingxenye yomndeni wakwaHollywood esiyikhaya lakhe elisha lezokugiima.
“Kusho lukhulu kimina futhi kuyintokozo ukujoyina iqembu lemibala ebukhwebezane (purple team). Bengikugcine njengemfihlo kula masonto ambalwa edlule ukujoyina kwami iHollywood njengoba namuhla sengikudalula. Nginezizathu eziningi kakhulu zokujoyina le kilabhu, kodwa ugqozi enalo ngezemidlalo yisona sizathu esikhulu esingenze ngayijoyina,” kusho uSteyn, ekhuluma nabezindaba.
Kule minyaka emibili edlule engaphansi kwePhantane AC, uSteyn uqophe irekhodi elisha le-Two Oceans lesikhathi esingu-3:2:54 ngo-2023 kulo mjaho webanga lika-56km. Uphinde waqopha elinye leComrades lika-5:44:54 kwehliwa kusukwa eMgungundlovu kuyiwa eThekwini ngawo u-2023.
Nyakenye uSteyn uzivikele ngempumelelo zombili izicoco zakhe okungese-Two Oceans neseComrades. Lokhu kwenza kubhekwe ngabomvu ukuthi nakulo nyaka uzokwazi yini ukuphinda avikele ngempumelelo le mijaho ezogijinywa ngo-Ephreli nangoJuni ngokwehlukana.
Kwi-Hollywood AC, uSteyn usejoyine ezinye izinsephe okubalwa kuzo uCarla Molinaro, u-Irvette van Zyl noLoveness Madziva ezintokazini. Kwabesilisa uzohlangana noStephen Mokoka osedle imijaho eminingi kuleli, wagijima nakuma-Olympic Games. UMokoka uphethe irekhodi lomhlaba lika-50km.