UTHEMBA ukuthi akusekude athole ithuba lokugijima eqenjini elikhulu umgadli weLamontville Golden Arrows, uSamukelo “Masaladi” Mzolo.
Lo mgadli oneminyaka engu-19 ungomunye wabangalibheki ipali kwiDStv Diski Challenge. Ngesizini edlule wahlohla amagoli angu-11 kanti kule sizini esizophela, useshaye angu-15.
Nakuba egijima kweleDiski, kodwa ungomunye wabadlali abasebancane abakhulelwe eqenjini elikhulu ngaphambi kokuqala kwesizini futhi usaqhubeka nokuziqeqesha nalo.
Abafana Bes'thende basendaweni yesihlanu kwi-log yeDiski ngamaphuzu angu-47 emidlalweni engu-29. Isizini bazoyisonga ngokubhekana ne-Orlando Pirates kusasa ngo-10 ekuseni.
Iqembu elikhulu le-Arrows lisendaweni yesishiyagalolunye kwi-log yeDStv Premiership ngamaphuzu angu-34 emidlalweni engu-28. Kwemibili esele lizobhekana nomkhaya AmaZulu FC ekhaya ngoMgqibelo, bese livakashela iChippa United ngoMgqibelo ozayo.
UMzolo uthe uyafisa ukuthola ithuba lokugijima kwiPremiership ngaphambi kokuphela kwesizini kodwa konke kusezandleni zabaqeqeshi. Akuthembisayo wukuthi uma kwenzeka efakwa, uzimisele ngokwenza umehluko enkundleni.
"Ngibe nesizini enhle uma uyiqhathanisa neyedlule, ebengisemusha kuyona futhi ngingakajwayeli. Kulena ngicabanga ukuthi ngingene kahle futhi konke kuhambe kahle.
“Nginethemba lokuthi ngizolithola ithuba uma ngibheka indlela engizinikela ngayo ngesikhathi ngiziqeqesha futhi nabaqeqeshi bathembisile ukuthi kungenzeka banginike ithuba emidlalweni esele.
“Ngikholwa wukuthi sengikulungele ukufaka isandla futhi kukhona engingalisiza ngako iqembu,” kusho uMzolo.
Lo mdlali odabuka eCato Ridge waqala wagijima eqenjini elizinze KwaNdengezi, iBrazil Academy ngaphambi kokuthathwa yi-Arrows ngo-2021.
Uthe ukubona abadlali abagijima kwiDiski Challenge njengoSiyabonga Mabena noRelebohile Ratomo besebenzisa amathuba abawanikwe amaqembu abo, iMamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates, kumkhuthazile ukuthi naye aqhubeke nokuzimisela.
“Ukubona labo badlali (uMabena noRatomo) kungenze ngalangazelela ukuthola lelo thuba futhi ngikholwa wukuthi sengikulungele.
“Ngiyabathembisa abaqeqeshi ukuthi uma ngilithola ithuba ngizolibamba ngezandla zombili njengoba laba badlali sebekwenzile. Bawasebenzise kahle amathuba abo ngakho nami ngeke ngiwamoshe,” eqhuba.
Uthe ozakwabo kubakhuthazile ukumbona eseqenjini elikhulu. Uma ebheka indlela abadlale ngayo ngesizini edlule, ayifani neyakule sizini. Ucabanga ukuthi ngemuva kokukhushulwa kwakhe ozakwabo babonile ukuthi kungenzeka okufanayo nakubona.
Lo mgadli omncane ngokomzimba futhi ongemude uphinde waphawula ngesifiso sokubizelwa emaqenjini esizwe amancane.
"Ngeke kungithuse (ukubizelwa emaqenjini esizwe amancane) ngoba ngidlala kahle. Benginethemba lokuthi kuzokwenzeka kodwa ngisalilindile ithuba.
“Abaqeqeshi bahlale bengisiza ukuthi ngikhuphule izinga. Bangitshelile ukuthi kumele ngiqine enkundleni uma ngibanga ibhola nomunye umdlali. Ababaningi abadlali abakheke njengami kwiPSL kodwa akufanele ngizithambise enkundleni,” uphethe kanje.
Imidlalo yeDStv Diski Challenge:
Kusasa - Ngo-10am: Chippa United v Richards Bay (Wolfson Stadium); Orlando Pirates v Golden Arrows (Rand Stadium); Stellenbosch v Sekhukhune United (Idas Valley Sports Complex); TS Galaxy v AmaZulu (Tsakane Stadium); Kaizer Chiefs v SuperSport United (FNB Stadium); Mamelodi Sundowns v Cape Town City (Lucas Moripe Stadium);Maritzburg United v Royal AM (Harry Gwala Stadium B Field); Swallows v Marumo Gallants (Dobsonville Stadium).