ISITHANDWA sabalandeli beKaizer Chiefs, uNkosingiphile “Mshini” Ngcobo, sibhoboke ngephupho lokuvala igebe phakathi kwaMakhosi neqembu elisesicongweni kwiDStv Premiership kulandela ukuqokwa kwegoli laso njengelivelele ngoDisemba.
UNgcobo umenyezelwe njengomdlali oshaye igoli elingcono kunawo wonke ngoDisemba kulandela ingcwenga ayibeke kamnandi enethini ngesikhathi iChiefs inqoba ngo-2-0 kwiSekhukhune United.
Lo mdlali, osemncane waseMgungundlovu futhi ongaconsi phansi kubalandeli beChiefs, ushaya leli goli nje isikimu usithola ngenhlanhla ngaphansi kobuholi bukaStuart Baxter.
Ushaya leli goli nje sekungelesibili kule sizini asedlale kuyona amahlandla ayisishiyagalombili kuyo wakhela ozakwabo amanye amagoli amabili.
Ngesikhathi ekhuluma nethimba labezindaba leChiefs kulandela ukuhlabana kwakhe, uNgcobo uveze isifiso esikhulu anaso ngemidlalo esele kule sizini.
“Indlela esivale ngayo unyaka odlule iyakhuthaza yingakho singasakwazi ukulinda ukuthi iphinde iqale isizini ukuze sizobona ukuthi uyaqhubeka yini umgqigqo wethu omuhle,” kusho uNgcobo.
“Okusemqondweni wami ukuvala igebe eliphakathi kwethu neqembu elisesicongweni (Mamelodi Sundowns ebashiya ngamaphuzu angu-16), ngakho-ke kusemqoka ukunqoba imidlalo yethu nokuqhubeka nokusebenza ngokuzikhandla,” kuqhuba yena.
Lo mdlali, oneminyaka engu-22 ubudala, uhlabeke umxhwele ngendlela iChiefs ekhombise ukudlondlobala ngayo ngasekupheleni konyaka odlule okufakazelwa ukuqeda kwayo u-2021 isendaweni yesine kwi-log yeDStv Premiership.
“Kungikhanyele muva nje ukuthi uma sihlangene kwiChiefs akekho ongasithinta. Okusemqoka manje ukungabe sisawudedela umgqigqo. Kufanele silwe uma kufanele yinqobo nje uma lokho kuzosizuzisa amaphuzu amqoka ekugcineni,” kulandisa yena.
Mayelana negoli aqokelwe lona, uthe uyavuma naye ukuthi lihle impela kodwa liqhamuke ngenxa yokusebenzisana.
“Kudingeke cishe iqembu lonke ukuthi libe nesandla ekutheni kuvuleke isikhala sokuthi ngishaye leli goli kwiSekhukhune ngakho-ke ngibonga angiphezi kubona bonke ozakwethu kwiChiefs okuhlanganisa abaqeqeshi, abaphathi nabalandeli,” kusonga uNgcobo.