UMQEQESHI weRoyal AM, u-Abram Nteo, udwebe isithombe esikhombisa ukuthi maningi amathuba okuthi angaphinde abonakale edlubhe umfaniswano waleli qembu uSamir Nurkovic, osayiniswe bhusende kwiThwihli Thwahla ngoJulayi ngelikhulu isasasa esuka kwiKaizer Chiefs.
UNurkovic, ofike kuleli (ngo-2019) ngeChiefs acishe wayisiza ekutheni idle isicoco seligi, usayine kwiThwihli Thwahla kubukeka sengathi uzoqhubeka lapho ebegcine khona kuMakhosi abewaqhululela amagoli engakalimali.
Nakuba lo mgadli waseSerbia esayine kwiRoyal AM elimele, uke wabonakala kuyona kwiMacufe Cup leli qembu eliyidlale neChiefs eBloemfontein.
Kusukela lapho akakaze aphinde abonakale. Kube sekusabalala imibiko ethi ucu alusahlangani phakathi kwakhe neqembu. Kunezikhathi lapho bekuvela khona nokuthi umisiwe ekuziqeqesheni kodwa nalapho iRoyal AM ibingaphumeli obala ngekusasa lakhe.
NgoMsombuluko ekuseni iRoyal AM, izicijela ukubhekana neTP Mazembe kowomlenze wesibili esigabeni sokugcina ngaphambi kwemidlalo yamaqoqo yeCaf Confederation Cup, ikwenze lokhu ngaphandle kukaNurkovic.
UNteo, okufanele anqobe ngamagoli amathathu noma ngaphezulu ukuze iqembu lizodlulela kweyamaqoqo, utshele abezindaba ukuthi yize engenalwazi lokulimala kukaNurkovic kodwa abaphathi beqembu yibona abangachaza kangcono ukuthi uphi lo mgadli.
“Abantu okuyibona abangakuphendula kangcono ukuthi uphi uNurkovic yilaba abasezikhundleni ezingaphezulu kwami eqenjini,” kusho uNteo eMoses Mabhida Stadium okuyilapho kuzodlalelwa khona neMazembe namuhla ngo-7 ebusuku.
“Iqiniso elimsulwa futhi elingeke lingigaxelise ukuthi angazi kwenzekani phakathi kukaNurkovic neqembu kodwa abaphathi balo (iqembu) bangaphendula kangcono.”
Abezindaba abazange bamyeke uNteo ngalokhu kepha bamvalele ekhoneni ngokuthi kungenzeka yini ukuthi angaphinde abonakale edlubhe ezeThwihli Thwahla uNorkovic.
“UNurkovic ungumgadli weqophelo eliphezulu. Yilokho kuphela engingakusho ngingangabazi. Ungumdlali ophambili,” kusho uNteo kusobala ukuthi kukhona abebalekela ukukusho.
Imizamo yokuthola uRichard Makhoba, oyisikhulu kwiRoyal AM noShauwn Mkhize, ongusihlalo, ayizange iphumelele njengoba izingcingo zabo bezingangeni.